10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 16 October 2026
IMPELA uGwede Mantashe uyi-drama king, uyithathaphi lento yokuthi adube engqungqutheleni yeCosatu?
Ewu umnumzane wonke adube ngoba engakhulunyiswanga ngesikhathi esifunwa nguyena! Kanti uzoze ukhulume ngasekugcineni sewaba yinkosi yini weTiger?
Yehlisa umoya uyiyeke le ngqondo yakho, bayanibuka abavoti bazogcina beniduba kwabona.
SEKUYISIKHATHI sokuthi uBhaka aphumele obala manje ngoThabani Hlatshwayo olokhu eqhubeka ededela inhlamba kubahlonishwa.
UMzala ukukhonze kabi, futhi umagange ukuzwa ukuthi ngabe nguwena ngempela yini osikaza abamnumzane ngejozi? Ngiyazi abantu ngeke bakuthande bonke Bhaka, mhlawumbe bayakusukela, bafuna ukhulume ngoba bekwazi uyindoda enomoya omuhle.
Ngiyakwazi qhawe lami into uma uyazi ngizobona ngawe, phela wena awufihleki.
OKWABALANDELI beKaizer Chiefs kuyaxaka. Zolo lokhu kade behleka iPirates idliwa iSundowns
kwi-MTN8, kuthe kungakapholi maseko, bahluleka wukuwina kwiStellenbosch, badlala i-draw ka 1-1.
Okuxake kakhulu uMzala, enikwenzile niyobuka Amakhosi ngoLwesibili eFNB, kodwa nibhizi ngapha nimcincele iPirates ukuthi ihlulwe, nize niyibuke kobhazabhaza bakhona eFBN iwina ngo 3-0.
Zishaphi ngempela kuMakhosi, noma senitatazeliswa umhla ka-31, njengoba nizotholala phezulu nayo? Yehlisani umoya Makhosi amahle.
KUNABANTU ongazi ukuthi ungabachaza uthini. UMzala seyimume emphinjeni indaba kaMfundisi uMafohla waseSidinsi, KwaNongoma.
UMzala uyakuqonda ukuthi sewahanjelwa kakhulu ngamakhosikazi, futhi uyazwelana nawe. Into efike yacika kakhulu uMzala ukuzwa umama wekhaya ethi lento eyenzeka ekuphingela, ifana nomkhuhlane omncane.
UMzala umuzwe kahle uMaZuma ekhuluma sengathi wenza kahle wakuphingela. Ngiyazi uyadunyelwa mfundisi wami, kodwa engingakutshela khona ukuthi vuka emaqandeni .