07 | Izindaba

Friday, 19 October 2026

Image

NGUNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi.

Ungqongqoshe uthi mazisukunyelwe izigulo zengqondo

Thandi Zondi

KUGQUGQUZELWA abanezigulo zomqondo ukuba besekwe.

Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe

wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi, njengoba u-October kuyinyanga yokuqwashisa ngezigulo ezithinta umqondo.

"Abantu ababhekene nengcindezi yomqondo noma ezinye izinkinga ezithinta wona, kumele bagqugquzelwe ukufuna usizo, futhi besekwe."

Ukusho lokhu emkhankasweni woMnyango wezeMpilo wokusondeza izinsiza ebantwini, obizwa ngeSibhedlela Kubantu, eTafuleni (Ward 3), eThekwini.

Uthi ukwesaba ukwehlulelwa, yikho okuvimba abantu ukuba bayothola usizo, ikakhulukazi amadoda, ngoba umphakathi uwalindele ukuba aziphathe ngendlela ethile, futhi acindezele nemizwa yawo esikhundleni sokuvuma ukuthi abhekane nezinkinga.

Unxusa imindeni, abaholi bomphakathi nezinhlaka ezahlukene, ukuba zeseke abantu bakwazi ukukhuluma ngokuvuleleka, bangabi novalo lokwahlulelwa.

Kugqugquzelwa ukuba amadoda akhulume

"Impilo enhle kayikho mayelana nokwelapha ukugula okubonakalayo, kepha kuthinta nomqondo imbala ngokuqinisekisa ukuthi akekho ocindezeleka kungenasidingo.

"Kule nyanga sifisa ukugqugquzela amadoda ukuthi akhulume, athole usizo uma edinga ukwesekwa. Akumele kube khona ukuzenyeza ngokugula okusemzimbeni noma okusemqondweni," echaza.

Ugqugquzela amadoda ukuba avakashele ezikhungweni zezempilo. Uthi ukuya sekwedlule isikhathi, kuholela ekuguleni obekungagwemeka.

Uthi ukubhekana nalesi simo sebandise amanesi abesilisa ezikhungweni zabo.

"Asikwazi ukuqhubeka silahlekelwe ngobaba, abafowethu, abayeni namadodana ethu, ekuguleni obekungakwazi ukutholakala kusenesikhathi, futhi kwelapheke," echaza.