Izindaba | 14
Friday, 16 May 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Bebebuya ukuyovala 'umkhokha' ababhubhe engozini:
Luphele ngezinyembezi uhambo lwabazalwane baseZayoni abehlelwe yingozi edlule nemiphefumulo ewu-9 emgwaqweni uN2, eMpangeni.
Kokoc Msibi:
MUNYE umlamuleli, uJesu Khristu.
Hlengiwe Molefe:
NGOBA uSathane uzididile izingqondo zabantu. 💔
Chamane Owecebo:
ESIKHATHINI samanje umthakathi usekhaya, hlampe kubhilwe amasondo.
Nokulunga G KaFuze Ngcobo:
KUSHO ukuthi lowo mkhokha waqala ngenxa yesifungo thizeni, bekumele balwe nesifungo kuqala.
Nombyiselo Nombuyiselo:
UYAYIZWA-KE imikhuba yedlozi, liphi uma sekunje? Ngathi kade uvala mkhokha bese kubanje. Hhayi, idlozi likhonzeni bakwethu.
Mabongi Sbiya:
UWUVALA kanjan umkhokha, enye yama-topic okumele ixoxwe.
Kwanda Zondo:
AKUQALI ukwenzeka...
Nathi Cele ENyonyana:
INJALO le mikhokha, uma ivalwa kuphuma umphefumulo.
Ernest Nhlangoti:
WAVELE waqala phansi loyo mkhokha, kwabuhlungu bo.
Ndondo Mtshololo:
SENIYABONA-KE manje ukuthi ayikho lento yamadlozi?
Khanyisile Nontokozo:
KUSHUKUTHI awuvalekanga lo mkhokha.
Lungi Ndlovu:
HHAWU Nkosi awuvalekanga umkhuba usekhaya 💔💔😭😭🙏🙏🕊️
Sihle Miya:
KUSHUKUTHI bebewuvula. Idlozi labo licasukile.
Xoliswa Mngomezulu:
YHOOOOOOOO ingabe ibese isalaphi nkosiyami. 💔💔💔 Ibuhlungu into eyenzeke kulamalungu ebandla....ihlukene kawu-three nayo le mikhokha/mdliwa... engabe kuhambephi kabi?
Lungelo Luh Mabaso Luh:
ABASALILE mababambelele enkosini, bengaphinde ngisho beyohlola ngoba kusho ukuthi kunzima kakhulu. 💔
Nhlakanipho Nhlakah Mavuso:
EYI izinto zesizulu ziyinkinga.