14 | Izindaba

Friday, 16 January  2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:

UZimdollar uzolawulwa yizeluleko zomthetho ngesixoliso sikaWelile:

Image
Image

NGUZIMIPHI "Zimdollar" Biyela noWelile Mchunu.

01


Mlindo Mqungebe:

NGEKE akuxolele umuntu osonta kuleliya sonto, izinhliziyo zabo zilukhuni.

02


Maka Zee NoLeendoh:

HHAYI bo! Abahlukane nje noZimdola. Lowo mthetho ugcine ubatholile yini abantu abawelisa amaphilisi ethu la eMzansi, sifike thina maSouth African kuthiwe awekho?

03


Christopher Mkhabela:

AKAMXOLELE, usexolisile.

04


Mendy Tracy:

UBEPHAPHA enzani naye uWelile ngoba ngabe uthule waze wafa.

05


Bheki Mpungose Khuba:

NJALO kubikwa ngabasakazi boKhozi, kusho ukuthi ikhona inkinga lana.

06


Vela Sangweni:

ISIXOLISO kumele sisuke ngaphakathi enhlizweni, not ukulawulwa umthetho.

07


Yoliswa Yolie:

ASHA amadam' anamanzi.

08


Lindo Mlindos:

SELENZENI futhi leli mama?

09


Iam S'bonelo Sam Dlamini II:

AKAXOLE phela naye, singaze sidinwe 😒

10


Andile Mthembu:

NGISAKHUMBULA ethi fusegi kuMthandeni.

11


Syabonga Sya:

KODWA izibongo ziyolokhu zishilo, ngingumshayi wedusha ngize ngilifake estokisini 🤣

12


Lindo Linda:

SEKUYACACA-KE ukuthi imambana ayixolisanga ngoba ithanda, kukhona okuyixoshayo.🕊️

13


Mzizi Dlamini:

Yanenzani indodakazi kababa uBiyela? Ningangithuki please 😢 

14


Hope Thandi:

LOWO mthetho wahlulwa yini ukulandela indaba yezikhali ezatholakala ku-ceiling board?