10 | Ezikaqedisizungu

Friday, 16 January 2026

Woza Nazo Mzala!

Image

UDJ Nzwiri usephakanyiswe wukuba nendawo yokudla eSuncoast yini?

ZITHINI ngale ntwana okuthiwa nguDJ Nzwiri? Hhayibo, usemane wanempakano esikhaleni. Usephethe imali yini, ngicela nihlebele uMzala!

Yazi senginokunakisisa ngaso sonke isikhathi ukuthi uNzwiri (
osesithombeni esingenhla), usemane adlule eduze kukaMzala, sengathi ubona ulwatha nje. Wendoda ufika lana eThekwini ubuhlale ulazi leli qhawe eliwuMzala.

Mhlawumbe ukhohliswa wukuthi usunendawo yokudla eSuncoast, manje usuzibona unswempu. Yehlisa boy,  uzodilika kabuhlungu esitezi.

Mfana ngiyavuma uzokuba grand kodwa ungacho-meli uMzala ngoba uzokubamba offside (ulahlile).

Zolo lokhu ubuhlala untanta noLunga Sokhela usephaketheni labo, manje ngoba usuhlala koMhlanga neziqumama usuyisikhokho. Lol.


Image


 NGUMAMKHIZE 

 Umcimbi wakwaMax kawunamsoco ngaphandle kukaMaMkhize noTha Simelane

HHAYI saze savelelwa yilabo anti/mama abazenza omadlisa emicimbini emikhulu.

Hhayi into engiyibone kwaMax's Lifestyle, eMlazi, ngiyoyixoxela amagwababa echobana.

Bese sivelelwe beshutha le nto ongayazi, besinxenxa ukuthi size kwaMax's Lifestyle, kwazise bezibondiwe ngendlela exakayo kwi-All White Party eba khona ngaso sonke isikhathi.

Tshelani mina, lo mcimbi usuwenzeka ngaphandle kukaMaMkhize yini?
Iqiniso ngiyazi liyababa, kepha njengoba engasa-bonwa uMaMkhize noTha Simelane, usuwehlelwe 
yi-vava-voom.

Kusho mina ungaphika uma uthanda!
Buyisani uMaMkhize, sibuye singoMzala.


Image


 NGUDJ BONGZ 

 Ngiyasola sengathi uBongz ubehlose  ukuzidayisa ngezindaba ezimbi

WE-DJ Bongz, tshela mina ngitshele abangazi, kungani bekuvumbuka izindaba zokuthi kawuzikhokheli izisebenzi zakho my bru?

Gwiqiqi, usuzama ukuvula indawo yokucima ukoma KwaNdengezi.

Hhayi Bongz, musa ukushaya izivalo mshana, uyakubuka uMzala. Yizwa ngami, ukujongile ngawo wonke amehlo amane. 


Image


 NGUMNCE TPAIN

Ngokuyosaha nje endaweni kaMnce TPain, senimnikelela ngemali engaka?

HHAWU majita! Seningamane ninike uMnce TPain imali engaka ngokujabulela usuku lwakhe lokuzalwa, niyeke uMzala encela izithupha?

Ngiyazi ukuthi nikwenze lokhu kuMnce TPain ngoba niyakwazi ukuyosaha inyama yakhe etendeni lakhe eliseWorkshop, eThekwini, lapha phansi kwebhuloho. Manje uMzala kufanele asale encela izithupha?

Kodwa ngiyakuvuma weSiyabonga Emmanuel "Bhonyist" Nkosi waseMlazi, ngokugaya le outie ngesaka elingaka, u-R6 000 wonke pho! Hhayi vele akuve usigila weBhonyist, ukhokhisa ngisho uMzala uma efuna ithikithi lokugembula.

Ngimane ngakhathala ngaba yimvithi sengibona noBheki Mkhize efaka i-R1 000 kuMaqolo ezinkukhu. Sibonge, Senghembe Nation!