13 | Izindaba 

Friday, 15 May 2026

Ishaye izule: Zandile Tembe

I-Citroen Basalt ihlanganise isakhiwo
se-coupe


Iwumshini ozishintshayo emigwaqweni eyitiyela neyasemakhaya
Image

IYISIQALO esihle kothanda uhlobo lwama-SUV angenayo imixhantela etheni, kodwa ibe ikunika usayizi wemoto owudingayo.

Kuningi-ke ongakufanisa nezinye izimoto uma uyibuka iseza i-Citroën Basalt, okwenza ilithathe iso.

Abakwa-Citroën basebenzise ubuhlakani ngokusebenzisa ukubukeka kwayo ngaphandle, ukuheha labo abathanda ingaphandle lemoto, hhayi amandla ayo.

Emandleni kayiqinisile kakhulu, kodwa yona iyahamba ngokulindelekile, futhi icishe yenze okungaphezudlwana kunokulindelekile.

I-Citroën Basalt yethulwe ngokusemthethweni kuleli ngo-March nonyaka. Ihlanganise isakhiwo se-coupé, i-SUV yansuku zonke, nokunethezeka.

Iwumshini ozishintshayo, ohamba kalula emigwaqweni yetiyela efanele izindawo zasemadolobheni, amalokishi nalezo ezixube impilo yasemakhaya neyasedolobheni (peri-urban).

Image

* Imlungele nomuntu ozama amathuba okungenisa imali

Ngifikelwe wumcabango wokuthi uma ungumuntu ongasebenzisi imoto ukuya nokubuya emsebenzini, kodwa ophinde abheke amathuba okwenza imali ethe xaxa, iBasalt ikufanele kakhulu.

Empeleni ngihlabeke umxhwele lapho ngizwa umngani wami onabantwana ababili, engixoxela ukuthi uthathe isinqumo sokubhalisa imoto yakhe njengesithuthi se-e-hailing.

Lokhu kusho ukuthi lapho engahambisi abantwana noma eya emsebenzini, wenza inzuzo ngemoto yakhe, okwenza athole okuthe xaxa ngemoto nangenani ayithenge ngalo.

Kumele sehlise ingcindezi esiyithola ngokuthenga izimoto yinkulu kakhulu, ngakho ngiyakuncoma ukubheka ezinye izindlela esingazuza ngazo ngesikukhokhela izimoto.

 • I-Citroen Basalt ingasebenza ukuthwala izimpahla ngoba ivulekile, inkulu

Image

I-Citroën Basalt ngiyibone kuyimoto ongayithengela nokusebenza, hhayi ukuhamba ngayo bese uyayipaka.

Ilungele nabadinga imoto engathwala izimpahla, okungaba ngezokugqoka, imikhiqizo yokudla nezinsizamzimba nalabo ababhalisele ukudilivela umkhakha we-e-commerce.

Lokhu kungenxa yokuvuleka kwayo, ikakhulukazi ibhuthi engamalitha awu-470.

Ngiyayincoma i-suspension yayo, futhi ngoba ikwazile ukumelana nemigwaqo enemigodi nengaqondile kahle, yaphinde yamelana namajika nemigwaqo ekhuphukelayo yakulesi sifundazwe.

Image

Ngike ngayifaka esivivinyweni esifushane ngesikhathi ngihambisa indodakazi esikoleni ngehora lesihlanu ekuseni, iyozilolonga nethimba layo le-volleyball, ngasuka ngaphuthumisa udadewabo omdala eKing Shaka Airport, obeyogibela indiza ka-06:30.

Ngiphinde ngayocosha omncane obekumele abe sesikoleni ngo-07:15. Konke lokhu, ikwazile ukumelana nakho, ngakwenza ngesikhathi esingaphansi kwesilindelekile.

Image

Inani leBasalt lisukela ku-R354 900 kwi-1.2T Plus 6AT enenjini ewu-1.2L turbocharge, yi-steering esilula ibe ibamba kahle naphansi.

Idla uphethiloli ongamalitha awu-6,7 kumakhilomitha awu–100km emigwaqweni ewuthelawayeka, kanti kweyasemadolobheni ilinganiselwa emalitheni awu-8.

Ngokobuchwepheshe, iBasalt iyakwazi ukuxhuma ku-Bluetooth wazo zonke izinhlobo zomakhale- khukhwini, ne-touchscreen ewu-7 inch.


Okumele ukubhekisise yilokhu; ukutholakala eduze kwamagalaji abo akusiza lapho udinga i-sevisi nanoma yiluphi usizo ngemoto, nokulondolozeka kwayo isikhathi eside.

Lezi ngezinye zezinto okumele uzicabange ngaphambi kokuthatha isinqumo sokuthenga imoto.