09 | Izindaba
Friday, 15 May 2026
Umnyango uveza eyokuqokwa kwabazimele abazophenya olwethenda yokugaya izincwadi ngo-R1.6 billion
Thandoluhle Ngubo
UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo kuzwelonke, uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni esingenhla), uthi umnyango wakhe uphakathi nohlelo lokuqoka inkampani ezimele, ezophenya udaba oluthinta ithenda yokugaywa kwezincwadi ngo-R1,6 billion.
UGwarube uveze lokhu ethula umbiko emalungwini ekomidi elibhekelele imfundo, wathi baphezu kwemizamo yokucela ihhovisi likaMgcinimafa kazwelonke ukuphenya ngalolu daba.
Uthe umnyango ukubone kufanele ukuthi uqoke enye inkampani ezimele ezophenya lolu daba.
Lolu daba lube sematheni ngenyanga eyedlule, ngesikhathi kuvela ukuthi enye yezinkampani
eziwu-19, ezazizohlomula kule thenda yokugaya izincwadi zamabanga aphansi emfundo eyisisekelo, ezizosetshenziswa ngonyaka ozayo, iLighthouse Publishers, yasungulwa, yabhaliswa ngemuva kwezinsuku ezintathu kuphume imibandela
yale thenda.
Imibiko yaveza ukuthi le nkampani yayizohlomula imali ecela ku-R285 million ngokwenza lo msebenzi.
UGwarube utshele leli komidi ukuthi abacwaningi bangaphakathi emnyangweni (internal auditors), bathola ukuthi le nkampani kayinawo amarekhodi okusebenza, ikakhulukazi eMnyangweni wezeMfundo.
"Umbuzo okumele sizibuze wona, wukuthi ukuphakanyiswa kwale nkampani kwakusemthe- thweni noma cha, ngabe yalandelwa yonke imigudu?
Yikho silusukumela lolu daba, sifune luphenywe yihhovisi likaMgcinimafa nabaphenyi abazimele ukuze sithole zonke izimpendulo.
"Kubalulekile ukuthi ngigcizelele phambi kwaleli komidi ukuthi ongqongqoshe kabangene, futhi akumele babe yingxenye yohlelo lokuqokwa kwezinkampani ezithola amathenda," esho.
USihlalo waleli komidi uNkz Joy Maimela, ugcizelele ukuthi ungqongqoshe kumele aqinisekise ukuthi zonke izinto ziqondile emnyangweni wakhe.
"Njengamanje izakhamizi zaseNingizimu Afrika ziyazibuza ukuthi kuzokwenzekani ngezincwadi zabafundi.
"Ngabe bazozithola ngesikhathi, yize umnyango unezinkinga eziningi nesezinesikhathi zikhona? Siyacela umnyango uziqondise izinkinga zawo," esho.