02 |Izindaba
Friday, 15 May 2026
USOMLOMO wePhalamende uNkk Thoko Didiza (osesithombeni esingenhla), usenike amaqembu ayingxenye yesiShayamthetho sikazwelonke kuze kube wuLwesihlanu oluzayo mhla ka-22 May, ukuthumela amagama abantu azobamela babe yingxenye yekomidi elizobheka ukuthi kumele yini uMengameli uCyril Ramaphosa asuswe esikhundleni sakhe.
Lokhu kuza ngemuva kokuka iNkantolo yoMthethosisekelo inqume ukuthi kwakuphambene nomthetho ukuvota kwamalungu ePhalamende ngo-2022, evotela ukuthi angaphenywa umengameli ngesigameko sokwebiwa kwezindodla zamadola aseMelika epulazini lakhe iPhala Phala, nakuba uphenyo oluzimele lwaveza ukuthi kumele aphonswe imibuzo.
Ngokwesitatimende esikhishwe yiPhalamende ngoLwesithathu, ikomidi elizophenya uRamaphosa, lizokuba namalungu awu-31, aphuma kuzona zonke izinhlangano ezisePhalamende.
I-ANC ithi iziphakamiso zamanye amaqembu zokuthi uMengameli uCyril Ramaphosa (osesithombeni esingenhla), kumele asule esikhundleni, zingenza kube nongabazane, izwe lingabuseki kalula.
Leli qembu elibusa ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi, lithi kasikho isinqumo esidalulwe yiNkantolo yoMthethosisekelo ngodaba lwasePhala Phala, esiphoqa umengameli ukuba ashenxe esikhundleni.
I-ANC ibambe umhlangano wesigungu esiphezulu lapho idingida khona isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esinqume ukuthi iPhalamende kalenzanga kahle ngesikhathi lisingatha lolu daba phambilini.
UMENGAMELI uCyril Ramaphosa uqoke iJaji u-Aubrey Ledwaba (osesithombeni esingenhla), njengoMengameli wamaJaji aseNkantolo eNkulu yaseGauteng.
ULedwaba uzoqala ngokusemthethweni namhlanje ngoLwesihlanu kulesi sikhundla sokuhola amajaji aseGauteng.
URamaphosa uqoke namanye amajaji kwezinye izikhundla ebezivulekile, okubalwa amathathu aseNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamacala, amanye amatha-thu aseNkantolo eNkulu yase-Eastern Cape, namanye ayisihlanu aseNkantolo eNkulu yaseWestern Cape.
Umengameli uqoke la majaji ngokwelulekwa yiJudicial Service Commission.
UMENGAMELI uCyril Ramaphosa ugcine emkhombe indlela uNkz Nokuzola Sisisi Tolashe (osesithombeni esingenhla), obengungqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi, izintambo wazibambisa uNkk Sindisiwe Chikunga.
UNkz Tolashe ubhekene nezinsolo zenkohlakalo, okubalwa kuzo ukuqasha isisebenzi sakhe sasendlini ngemali yomnyango, nokungaphumeli obala ngezimoto ezanikelelwa i-ANC Women's League, yinkampani yezimoto yaseChina.
Kuthiwa lezi zimoto wazibhalisa ngendodakazi yakhe.
Kuyaqala ukuqulwa kwecala elithinta uZuma
AKUSEKHO ukujikela emuva ngokuqala kokuqulwa kwecala elithinta owayengu-Mengameli waseNingizimu Afrika, uMnu Jacob Zuma (osesithombeni esingenhla), nenkampani yezikhali yaseFrance, iThint, esiyaziwa ngeThales.
UZuma wathweswa la macala ngo-2005. Kusukela laqala ukungena enkantolo belilokhu libanjwe yizicelo ezahlukene, ezigcine ziholela ekutheni lingaqali ukuqulwa.
NgoLwesine iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, ikhiphe isinqumo sokuthi leli cala sekumele liqale ukuqulwa ngaphandle kokuphazamiseka.
Sekuphele cishe iminyaka ewu-21, leli cala lisezithebeni zenkantolo.
Kulindeleke ukuba liqale ukuqulwa ngomhla ka-1 February wonyaka ozayo.