21 | Ezemidlalo

Friday, 15 August 2025

Iyazethemba iSharks ngomdlalo weFin Cup

Image
Nokho ilindele ubunzima kwiDolphins eyizingqwele ze-ODI

NGUKHAYA Zondo ongelinye lamathemba eHollywoodbets Dolphins kwiFin Cup.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Mzwamandla Zondi

IYAZETHEMBA iHollywoodbets Sharks ukuthi izozidlela amahlanga kwiHollywoodbets Dolphins kwiFin Cup T20 ezokuba ngeSonto eKingsmead Cricket Stadium, eThekwini.

Lo mdlalo wala makilabhu aKwaZulu-Natal - okungeyombhoxo (Sharks) neyekhilikithi (Dolphins) - kubhekwe ukuba uhehe izinkumbi zezibukeli kanti inhloso yawo wukuhlanganisa abantu besifundazwe bemidlalo eyahlukene.

IDolphins izokuya kulo mdlalo ihambela phezulu njengoba iyizingqwele ze-One Day International (ODI).
Lo mdlalo (Fin Cup) ukhuza ibuya ngemuva kweminyaka ewu-10 edlule njengoba yagcina ngo-2015, lapho okwanqoba khona iDolphins ngo-26 runs.

Kulo mdlalo kulindeleke izinga eliphezulu njengoba abadlali abaningi abadlala kwiSharks benalo ulwazi lwekhilikithi.

Image

NGU-APHELELE "Weekend Special" Fassi othwelwe ngeqoma ngozakwabo ukubasiza uma sebebhekene neDolphins.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Isikhulu esiphezulu seSharks, uShaun Bryans, sithe kasiyiboni iDolphins iwunqoba lo mdlalo.

UPhendulani Buthelezi weSharks uthe: "Siyayazi iDolphins ukuthi yenza kahle. Ngonyaka odlule yenze kahle kakhulu inqoba i-ODI.

"Okuhle ngeqembu lethu wukuthi abadlali abaningi banalo ulwazi lwekhilikithi. Umdlali wethu, uNick Hutton - obefunda eHilton College - ungomunye wabakhule enza kahle kwikhilikithi.

"Esakhula, abaningi bebezitshela ukuthi uzokuba ngumdlali wekhilikithi. Ungomunye wabadlali othwele amathemba ethu. Omunye esithembele kuyena ngu-Aphelele Fassi odlala emuva, naye okhule edlala ikhilikithi."

IDolphins ibeke amathemba ayo kuKuhle Cele, uKhaya Zondo, uHeinrich Strydom ukubala nje abambalwa.
Amathikithi alo mdlalo atholakala eTicketpro.