05 | Izindaba
Friday, 15 August 2025
Phumlani Gama
UBENGAFUNI ukwamukela amaphepha esehlukaniso phakathi kwakhe nenkosikazi yakhe uMnu Richard Nhlebela, waseMakhonyeni, eJozini oshiye abaningi bebambe ongenzansi ngemuva kokudubula, abulale izingane zakhe ezintathu, maqede wazidubula naye.
Umufi ubengomunye wabanumzane abahlonishwayo emphakathini wangakubo eJozini.
Lesi sigameko senzeke eVereeniging, eGauteng, ngoMsombuluko ebusuku komunye wemizi kamufi obuhlala izingane nenkosikazi yakhe uNkk Zanele Nhlebela. Kulesi sigameko kushone uNhlebela nezingane zakhe uLema, uSikhona kanye noLungile.
NGUMUFI uMnu Richard Nhlebela.
Kubikwa ukuthi umufi nenkosikazi yakhe bebenezingane ezine. Eyodwa isindiswe wukuthi ibisemsebenzini eLimpopo.
Ngokwelungu lomndeni elicele ukuba kugodlwe iminingwane yalo, lithi besekuphele iminyaka lezi zithandani zihlala ngokwehlukana. Kuthiwa umuzi oseGauteng ubuhlala izingane isikhathi esiningi.
"Inkosikazi ibisihlala kwenye indawo ngoba isaba umyeni wayo obesekunesikhathi eside ehlala ngokuyisongela ngokuyendisela koyisemkhulu. Umufi ubehlala yedwa eJozini ngoba ethi ngeke yena akwazi ukusuka endaweni yangakubo emakhaya.
"Okunye okushiwo ngumufi ukuthi kudala ebekezele. Impela uqinisile ngoba nonina kamufi ubengangeni emzini wabo ngoba washaywa. Naye wanxuswa ukuba aphume kodwa wabekezela.
"Uqinisile uma ethi ubeziqinisa, enze sengathi kuhamba kahle othandweni lwabo, kanti thina siwumndeni siyazi ukuthi akuhambi kahle. Nasemphakathini ubeyindoda ehloniphekile, ebuye athengisele abantu amanzi emphakathini," kusho ilungu lomndeni.
UMnu Nkanyiso Nhlebela ongumshana kamufi, uthi lesi simo sishiye umndeni nomphakathi ushaqekile.
"Okwamanje sicela ukunikwa ithuba lokubhekana nalesi simo esenzekile. Ngeke sikwazi ukwanda ngokwenzekile ngoba umalume ubengumuntu olungile, ngakho-ke kufanele kuhlonishwe lokho," kusho uNhlebela.
ILANGA Lempelasonto lixhumene nenkosikazi kamufi, eshaye ngamfuphi yathi ngeke ikwazi ukuphawula ngokwenzekile, ngoba kwenzeke ingekho.
Leli phephandaba limbuzile ngendaba yamaphepha esehlukaniso nakhona wenqaba ukuphawula.
Leli phephandaba linazo izinkulumo eziqoshiwe okuthiwa zenziwe ngumufi ngaphambi kokugila lo mhlola. Kwenye yazo uzwakala evalelisa, ethi yena nezingane zabo ngeke baphinde babonakale bephila.
Uphinde azwakale ethi usezibonile ukuthi uyinto engalungiseki ngoba nenkosikazi yamtshela, uzamile ukukholwa ekhetha uJesu, kodwa konke lokho akumsizanga.
Uqhuba athi abantu babuka umzimba wakhe, bazitshele ukuthi uphila kahle, kanti ngaphakathi ulimele.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uLt Col Vela Masondo usiqinisekisile lesi sigameko.
"Okwamanje ngeke sikuqinisekise ukuthi bangobani abashonile. Kuzolindwa umphumela kadokotela ohlola izidumbu njengoba zitholakale zishile," kuphetha uMasondo.