15 | Izindaba

Friday, 14 November 2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:

Uzibona engayinqoba iligi umqeqeshi wePirates ☠️☠️☠️ 
baphawule kanje abafundi bethu:

Image

 Ngu-Abdeslam Ouaddou ongumqeqeqshi we-Orlando Pirates.

01


Revival Mshazi Mhlaziyi Ozimele:

Uzoyinqoba vele.

02


Simphiwe Shumi Mchunu:

Uqinisile, kuyamphoqa ukuthi ayiwine iligi kule sizini, akanazo izizathu ezingamvimba ukuthi awine ngoba usheshe waphuma kwiCaf Champions League, kanti futhi unesikwati esibanzi sabadlali.

03


Sandile Mngomezulu:

Wafika njenge-translator. Manje uzibona engawina i-league? Mxm!

04


Sfiso Nonkosi Thabzolo Sengamomkhulu:

Emaphusheni.

05


Nhle MakaFah Zee Gumede:

Uhlulwe nguMukoko kwiCaf, usezibona enqoba i-league?

06


Zama Shange:

Vele kungenzeka, kusho ukuthi uyazethemba, abanye o-coach bavumelekile ukukusho if bezethemba nabo.

07


MakaNokwe Dlamini Nokwazi :

And uzoyithatha nkosiyami, nizovaleka imilomo.

08


Thauza Lebena:

Sizombona uma kuphela uMeyi 2026.

09


Mzonjani Kua Ngwane:

Ave bephupha kodwa abaqeqeshi bolamthuthu.

10


Nathih Madlalah:

Inabanikazi bayo nje yona.

11


Aka Czweman Blaai:

Sbongiseni: Uyadlala loyo.

12


Phumlahnie Okamashukumbelah Sokalezweh Buthelezie:

Kwagogo eZola! Makavele akhohlwe.