12 | Izindaba

Friday, 14  November 2025

Kulobe
uMenzi Jele

Ezempilo

  Kunomthelela omubi nasocansini ukuzimuka kowesilisa

 
Ukukhuluphala ngokweqile kuyingozi njengoba kudonsa izifo...

Image

UKUZIMUKA noma ukukhuluphala ngokweqile kungaba yingozi empilweni. Ukukhuluphala kwabanye abantu kuba wufuzo, umuntu azalwe emndenini wabantu abakhuluphele ngokokuzalwa.

Kwabanye imvamisa kuba wukugimba, umuntu adle ngokweqile.

Ingozi yokukhuluphala ngokweqile wukuthi kuletha izifo ezingamahlalakhona (chronic diseases) njengesifo senhliziyo, isifo sikashukela, umfutho wegazi, inkinga yokuphefumula nenkinga yokulala.

Ukukhuluphala ngokweqile kwabesilisa kungaba nomthelela omubi nakwezocansi ngoba kuphazamisa nemithambo yesitho sangasese.

Ukudla ukudla okunamafutha amaningi, yikhona okudala ukuthi ubenamafutha emzimbeni, kudale ukuzimuka ngokweqile.

Kuyaphazamiseka ukusebenza kwezinso zomuntu okhuluphele ngokweqile.

Image

Ukuzivocavoca, ukuhamba ibanga elide ngezinyawo, ukuphuza amanzi amaningi, ukukhetha ukudla okudlayo njengezithelo eziningi, imifino, ubisi, namantongomane, kungasiza ekunqandeni isifo ukuzimuka.

Utshwala buyakudala ukuzimuka uma ubuphuza ngokweqile.

Image

Uma usola ukuthi ulengela eweni lokuzimuka, xhumana nabeluleki abeluleka ngezindlela ezifanele zokudla. Kubalulekile ukuhlala njalo usondela esikalini, ubheke ukuthi isisindo sakho, sesingakanani.

Uma isimo sokuzimuka siya ngokwenyuka, kubalulekile ukuxhumana nodokotela.

AbeHealthwise bathi ukukhuluphala ngokweqile kungaludala ukhwantalala nengcindezi. Uthole umuntu okhuluphele ngokweqile esenokuzenyeza, ezizwa ecwaseka.

Ukukhuluphala ngokweqile kungakhinyabeza ukusebenza kwezicubu ezithile zomzimba.

menzi.jele@ilanganews.co.za