08 | Izindaba

Friday, 14 November 2025

Image

NGUMCULI kamaskandi uMthandeni SK, ozoba yingxenye yomcimbi, Imbenge Maskandi Festival.

Wenziwe umzungezo umcimbi
kamaskandi waKwaDukuza


Kuboshelwe izinkunzi kulo mcimbi ogabe ngoKhuzani benoSK


Mthobisi Sithole

BAHLOSE ukukhuthaza izivakashi ukuhambela izindawo ezehlukene ngaphansi kwesiFunda Ilembe ngomcimbi Imbenge Maskandi Festival, ozokuba ngoMgqibelo enkundleni yezemidlalo eShakaville, KwaDukuza.

Abahleli balo mcimbi, Inkezo Music Productions, batshele ILANGA Lempelasonto ukuthi lo mcimbi waminyaka yonke uzoshintsha izindawo, njengoba uqoqa inqwaba yabantu abavela ezindaweni ezehlukene.

Lo mcimbi kuzokube kungokwesibili wenziwa,  kanti nyakenye ubuwenzelwe eThembeni, eduze kweMvoti Toll-Plaza.

"KwaDukuza yindawo enothe kakhulu ngomlando. Ngokwesintu, leli dolobha limqoka ngoba kulapho okulele khona umbumbi wesizwe samaZulu, iLembe, uShaka kaSenzangakhona.

"Uma uphuma kancane nje edolobheni, kunendawo yaseGroutville, enomlando onothile ngokwepolitiki njengoba kuneMuseum egcine umlando weNkosi u-Albert Luthuli, eyabamba iqhaza elibalulekile emzabalazweni wenkululeko," kusho uMnu Thobani Nkosi, ongumnikazi weNkezo Music Production
.

Image

NGUBHUTIZA Wodumo noZiks Nkwanyana bephahle uMnu Thobani Nkosi, weNkezo Music Productions, engabahleli beMbenge Maskandi Festival.

Uthi basezingxoxweni nomasipala abehlukene abakhele isiFunda iLembe ukuze lo mcimbi uhambele nezinye izindawo ezingaphansi kwalo mkhandlu, okubalwa kuzoba iMandeni, iNdwedwe naKwaMaphumulo.

Ukhuthaze abantu ukuzikholisa ngobuhle nobumnandi ezindaweni ezehlukene KwaDukuza, njengoba ziyinala izindawo zamagugu, ezemvelo, ezokuzijabulisa namabhishi, ngaphambi kokuyovala usuku ngomculo wesintu.

Image

Lo mcimbi ugabe ngolozolo lwabaculi okubalwa kubona uMthandeni SK, uKhuzani, uMenzi, uLimit, uMafikizolo, uNdoni, uGatsheni (osesithombeni esingenhla), uGadla Nxumalo, uMkhulekelwa, u-Ali Mgube, nabaningi.

UNkosi unxuse abalandeli bomculo ukufika kusenesi-khathi njengoba umcimbi uzoqala ngo-14h00 ntambama, ukuze bezothola ithuba lokwesekwa nabaculi abasafufusa, abazobe bebhula amazolo.

Amathikithi abiza u-R150 eComputicket naseShoprite/Checkers, kuthi awezicukuthwane abe wu-R650.

Image

I-BLISS ingomunye wabaculi ababoshelwe kwiMbenge Maskandi Festival.