19 | Ezemidlalo

Friday, 14 August 2026

Image

NGUYANELA Mbuthuma ebanga ibhola noSandile Mthethwa wamaZulu FC.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Izinsongo ezimbi kumdlali wePirates


Uyalwe yisikhulu ukuhlukana nezinkundla zokuxhumana, agxile ekukhuphuleni izinga

Senzo Sokhela

USONGELWA ngokusocongwa umgadli we-Orlando Pirates, uYanela Mbuthuma, njengoba esolwa ngabanye abalandeli bale kilabhu ngokuyihlinzela ezibini ngokushweba amathuba alula.

IBucs ibambane namaZulu FC ngo-1-1  koweBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku eHollywoodbets Kings Park Stadium, eThekwini.

Igoli leBucs lishaywe nguTshepang Moremi, kwathi eloSuthu kwaba yiphenathi evalelwe enethini nguThandolwenkosi Ngwenya.

UMbuthuma usolwe kakhulu ngokudlisela iBucs kulo mdlalo. Uthole amathuba abebukeka elula, kodwa wahluleka ukuwavalela enethini.

Ngendlela isimo esiyiyona, abanye abalandeli abakhuluma bezifihlile, basongela lo mdlali kanzima ezinkundleni zokuxhumana.

Image

NGUMBUTHUMA enozakwabo, uTshepang Moremi.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Omunye uthe uMbuthuma akenzi amaphutha, kodwa wedelela iBucs (esebenzisa ulimi oluqosheme).

Wathi kufanele enziwe into ebuhlungu ukuze engeke esafakwa.

Omunye umfisela ukufa lo mdlali, esola izikhulu zeBucs ngokuthi kazifuni ukumdayisa. Baningi nje nabanye abebethi la beyohlangana khona naye, bazomenza isilo sengubo.

USifiso "Jomo" Biyela ongusihlalo weRichards Bay FC, edayisele iPirates uMbuthuma, ubhale ekhasini lakhe leWhatsApp, lapho eveze khona ukuthi ushayele lo mdlali ucingo ngoLwesine ekuseni, wamupha izeluleko.

UBiyela uveze ukuthi uyale lo mdlali ukuba ahlukane nezinkundla zokuxhumana okwamanje, asebenze kanzima ukulungisa lapho okushoda khona.