13 | Izindaba

Friday,14 August 2026

Image

I-Jetour iwufanele umndeni omkhulu


Le moto iwubuthebelele basetiyeleni, kodwa futhi emagqumeni nasodakeni iyakwazi ukumelana nezimo zakhona.


Ishay' izule: Zandile Tembe

UKUHLANGANYELA kobuchwepheshe ukusebenza kalula kwemoto nsuku zonke nogesi owenza nokuqwala izintaba kube lula, yilokho egabisa ngakho i-Jetour T1.

I-Jetour T1 1.5T i-DM PHEV, ingena emkhakheni wezimoto ezingama-hybrid, okwazi ukuwaplaka nasodongeni lapho ushaja, kanti edlisela ngakho ogageni wukuthi akusiyo nje eyobuthebelele basetiyeleni, kodwa nasemagqumeni nasodakeni iyakwazi ukumelana nalezo zimo.

Okunye egabise ngakho wukuthi ikunikeza ukusebenza nokubukeka kwe-SUV, ibe ikongela uphethiloli ngenxa yokushintsha ihambe ngogesi lapho kunesidingo.

Image

I-T1 ithi isebenza ngogesi okwazi ukuwushaja nakugesi wasekhaya, ibe ihlanganise namalitha awu- 1.5 wenjini kaphethiloli, okwenza ukwazi ukonga.

Lokhu kusebenza kwe-PHEV esesike sakuchaza phambilini, okuwukuthi i-battery yakhona iyakwazi ukuzishaja nokukwehlisela ixhala lapho uthatha uhambo olude, ngoba uphethiloli usuke usuzothatha indawo yayo.

Lapho uthatha uhambo olufushane noma lwansuku zonke, uyakwazi ukuncika kugesi ngokumane uyishaja ngokugcwele.

Lokhu kusebenza kwayo okwenzela umshayeli zibe lula izindlela zakhe, yikho okuzodayisa i-T1, kanti ukubukeka kwayo okusabhokisana okuthi noma ibukeka inkulu, kuyenza iqoqeke.

Ziyalaliseka izitulo zeJetour TI

Image

Ifaneleke kwabanemindeni emikhulu, njengoba ivulekile ngemuva, nebhuthi layo elingamalitha awu-574 elivulekela emalitheni awu-1455, uma ulalisa izitulo zangemuva.

Okuncomeka kakhulu ngayo wukuphakama kwayo, okwenza imelane nezindawo eziwubhuqu nezintaba. Kulezi zimvula esibhekene nazo, ihlabe umxhwele lapho iphuma kalula odakeni obelulubi.

Lokhu kungenxa yokuthi ine-XWD, edonsa ngamasondo angemuva nawangaphambili, nokuhlanganisa u-250 kW ne-torque ka-530, okuyinika amandla lapho ihamba ezintabeni nasemgwaqweni onamatshe nesihlabathi.

Imixhantela ye-Hill Descent Control ne-Crawl Control, isiza kakhulu lapho uba nenkinga, ukhuphuka imiqansa nasemigwaqweni eyehlelayo.

Njengoba i-T1 iphakeme ngo-190 mm, ukusuka emhlabathini no-28-degree kuwo wonke emacala lapho isukuma, kusho ukuthi iyakwazi ukugwema ukushayeka ngaphambili nasemuva, noma ngabe indawo kayilingani kangakanani . Iyakwazi nokuhamba kalula emanzini ajulile ukulinganiselwa ku-60 cm.

Imodeli ye-1.5T i-DM PHEV, yona yakheke yakulungela ukuqwala izintaba, imigwaqo nobhuqu olunamatshe nezindawo ezinzima.

Image

Ubuchwepheshe nabo busezingeni kwi-T1, njengoba iza nobhazabhaza we-touchscreen, enazo zonke izinsiza zesimanjemanje.

Imibuzo-ke engakaphenduleki ngeyokuthi, izokwazi yini ukumelana nesikhathi, ukulungiseka nenani lama-parts ayo lapho kudingeka, njengoba isangumafikizolo.

I-T1 ifike emakethe sekukhona izinkunzi ezikhonyayo, njengoba nezinga lilokhu linyukile ezimotweni ezingama-hybrid, njengoba kulindeleke ukuba incintisane nezimoto ezifana ne-BYD Sealion 6 DM ne-Haval H6 GT.

Inani layo lilinganiselwa ku-R700 000.  Leli nani liyanyaniswa nokuhlanganisa kwayo izindlela eziningi zokusebenza, ukuba yi-SUV ekulungele ukuhamba nsuku zonke ngaphandle kokudla iphakethe, iphinde ikwazi nokuthwala umndeni nezimpahla lapho kuyovakashwa ezintabeni ngempelasonto.