10 | Ezikaqedisizungu

Friday, 14 August 2026

Woza  Nazo Mzala...

Abantu baseNingizimu Afrika bayakuthanda ukukhuluma

Image

KODWA abanye abantu baseNingizimu Afrika bayakuthanda ukukhuluma, ikakhulukazi abesifazane.

Tshelani mina, ngitshele abanye, ukuthi uDJ Zinhle wone ngani uma egqoka la ma-oufits akhe ama-cowboys kwiZee Nation Fest?

Image

Ngizwile abanye bekhala ngemiswenko yakhe ukuthi kayimfaneli, abanye bekhala ngokuthi kumele ashintshe manje.

Kodwa-ke aninayo i-fair, phela uBeyonce uyayigqoka le misiko, kodwa nithule du, futhi niyamncoma.

Iyekeni intombi yakwaJiyane iswenke nayo, niyeke umona. Thatha Cowboy laseMzansi!!

Iyahlonishwa inkosikazi yomuntu Limpopo Boy

Image

IZINTO zimane ukwenzeka impela. UMzala uxakwe yincwadi yesixoliso sikaMatshidiso Matilda, ayibhalele umyeni wakhe uKevin Shai, ngemuva kokusabalala kwe-video etshengisa le ntokazi noLimpopo Boy (esithombeni esingenhla) besekameleni, bengagqokile.

Ewu cha ntokazi, ngiyakuvuma ukhona, ususibhalelani-ke isixoliso qede usifake ezinkundleni zokuxhumana?

Hhayi ntokazi ngeke. Le bekuyinto yokubiza abantu abadala, kuhlalwe phansi. Kodwa-ke noLimpopo Boy uyifunani inkosikazi yomuntu ngempela?

Impela umjolo uyinkinga emhlabeni, bukani senitrende kabuhlungu kanjani nje.

Ungabomethemba umuntu, ubothemba itshe!

Image

UMZALA ucishe wawa bhu phansi ebona isithombe sikaDr Khehlelezi (osesithombeni esingenhla) kule trend yaseLadies House, yokufakwa kobaba abangondli.

Hawu! Impela ubothemba itshe kunokwethemba umuntu! Kodwa-ke masethembe njengoba eseqokwe njengomunye wongase abe yikhansela laseVerulam, ukuthi uzokondla.

Phela ayikho into eyihlazo njengendoda engondli, angiphathi-ke ezoba yiqhalaqhala njengalo mholi weMKP.