09 | Izindaba
Friday, 14 August 2026
Kumele kushaye ihora lesihlanu mhla ka-28 kwephezulu bebe sebewathumelile amagama alabo abazobamela...
Intatheli yeLANGA
AMAQEMBU ezepolitiki nalabo abafuna ukungenela ukhetho ngokuzimela, banikezwe isikhathi somnqamulajuqu somhla ka-28 ku-Agasti kophezulu, ukuthumela amagama alabo abazobamela okhethweni lohulumeni basekhaya lwalo nyaka.
IKhomishini yokhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), iveze ukuthi amaqembu nalabo abazongenela ukhetho ngokuzimela okhethweni lwangomhla ka-4 kuNovemba nonyaka, kumele kushaye ihora lesihlanu mhla ka-28 kwephezulu bebe sebewathumelile amagama alabo abazobamela.
Ngeledlule uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uMnu Velenkosini Hlabisa (osesithombeni), usayine ngokusemthethweni usuku lwangomhla ka-4 kuNovemba 2026, njengolokuvota eNingizimu Afrika.
Lokhu bekuchaza ukuthi i-IEC isingaziqala izinhlelo zayo ezihambisana nalolu khetho okubalwa khona ukwamukela amagama abazongenela ukhetho ezindaweni ezahlukene, kanjalo nokwenza izivumelwano zokubambisana namaqembu.
Ngemuva kwalokhu kusayina, le khomishini ibe isikhipha uhlu lwezinsuku ezimqoka ezandulela usuku lokhetho.
NgoLwesihlanu olwedlule kuvaliwe ukubhalisela ukuvota kulolu khetho, okusho ukuthi labo abagcine bengabhalisanga ngeke bakwazi ukuvota kulolu khetho lokuvotela amakhansela nezimeya.
USihlalo wale khomishini, uKhomishana Mosotho Moepya, uthe amaqembu nalabo abazongenela ukhetho ngokuzimela, kumele basebenzise lesi sikhathi ukuhlanganisa amagama alabo abazobamela, futhi baqinisekise ukuthi kasibeqi isikhathi somnqamulajuqu esibekiwe.
Wonke amaqembu nalabo abazimele abafisa ukungenela lolu khetho, kumele bakhokhe imali elinganiselwa ku-R4700 komasipala beMetro, u-R2800 komasipala abajwayelekile no-R1800 emkhandlwini.
Iminingwane ngokungenela ukhetho neminye itholakala kwi-website yokhetho, www.elections.org.za
Phambilini iDA yamemezela uMnu Haniff Hoosen kwesobumeya kanti iyaqina imibiko ekhomba ukuthi uMnu PG Mavundla angase amele iMK Party kulesi sikhundla kulolu khetho.