06  | Izindaba

Friday, 14 August 2026

Uthando lokupheka lumyise phesheya kwezilwandle owaseSikhaleni

UChef Nokx uthi ontanga yakhe babemhleka uma ebatshela ngephupho lokuba ngumpheki...

Image

 NguChef Nokx Majozi ongumpheki ogqame naphesheya kwezilwandle.

Thokozani  Ndlovu

UKUHLEKWA esakhula emuva kokuveza ukuthi ufuna ukuba ngumpheki ovelele, akumqedanga amandla, uNkz Nokx Majozi  ongumpheki ogqame naphesheya kwezilwandle ngenxa yalo msebenzi.

UNkz Majozi obethula ngokusemthethweni incwadi yakhe yokupheka iThe South African Cook Book, eThe Living Room Restaurant, eWestvile, usebe ngumpheki ovelele ngaphezu kweminyaka ewu-20. 

Image

 Yincwadi entsha kaChef Nokx Majozi, ayethule eWestville.

 Uchithe isikhathi eside enza lo msebenzi eLondon, e-United Kingdom.

Yize eqhamuka emakhaya njengoba engowaseSikhaleni, eMpangeni, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ukupheka wumsebenzi akhule evele ewuthanda, futhi ehlukile kwabanye ontanga ngokufuna ukwenza into eyayinganakiwe.

Image

 "Ngesikhathi ngikuveza kontanga bami ukuthi ngizimisele ngokuvelela ekuphekeni, bangihleka. Akungikhathazanga lokho ngoba ngangikwazi engikufunayo.

"Kunalokho, ngithathe isinqumo sokuyofundela ukupheka, ngagcina sengihamba amazwe ngenxa yakho. Njengoba isikhathi esiningi ngisichitha phesheya kwezilwandle, ngithole ukuthi ukudla kwaseNingizimu Afrika akuphekwa kwamanye amazwe.

Image

 Uthi ukuqhamuka nento ehlukile ekuphekeni ukudla kwesintu, ukuthathe kuyise owayesebenza eMtateni.

Uthi unina wayepheka kubo ngendlela ejwayelekile, kodwa uyise wayeqhamuka nezinto ezehlukile ekuphekeni, ayezifunda emsebenzini. 

Image

 Ngesinye sezidlo ezenziwa nguChef Nokx Majozi. 

 Manje usenezinhlobo zokudla eziqhamuke naye, azenza ehlanganisa ukudla kwesintu kodwa kube sezingeni lokudla kwasehhotela.

Njengoba ethule le ncwadi, uthe akazogcina eThekwini kodwa usaya naseCape Town ukufundisa abantu ngokudla kwakhe.
Izithako zakhe zokudla kwesintu uthe uzigqamisa naphesheya kwezilwandle.

Image