20 | Ezemidlalo

Friday, 14 August 2026

Image

NGU-ARTHUR Zwane ongumqeqeshi woSuthu.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

OwoSuthu nesifiso sekhaya eliwuKalubhadwa


UZwane ufuna ezakhe zicoboshise kwasani uma zidlalela enkundleni yazo

Senzo Sokhela

USONGELA amakilabhu asazoya enkundleni yabo umqeqeshi wamaZulu FC, u-Arthur "10111" Zwane.

USuthu luzobhekana neSiwelele FC koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00 eHollywoodbets Kings Park Stadium, eThekwini.

Luya kulo mdlalo nje, lubambane ne-Orlando Pirates ngo-1-1 koweligi ngoLwesithathu ebusuku, kuyo le nkundla yaseThekwini.

Image

NGU-ZWANE noLehlohonolo Seema (ongemuva) ongumqeqeshi weSiwelele.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UZwane uthi ngeke nangengozi bawavumele amakilabhu ukufika esibayeni sabo ayozithathela nje amaphuzu kalula, ahambe.
Uthi abazoza ngalowo mqondo, bazokubona okwabonwa nguSawuli.

"Iqiniso wukuthi kimina wonke amaphuzu amathathu ayefana. Uma ngikhuluma nabadlali bami, ngiyabatshela ukuthi siyawahlonipha la makilabhu amakhulu, lokho ngeke kushintshe.

"Kodwa-ke ukuwina kula makilabhu amakhulu kakuchazi ukuthi kuwona uthola amaphuzu awu-6, uthola amathathu.

"Ngakho-ke kufanele senze isiqiniseko sokuthi bonke abeza esibayeni sethu baphuma bengaphethe lutho, ngoba nabo ngeke benze impilo yethu ibe lula ezibayeni zabo.

"Ngaleyo ndlela nathi sizokhula njengekilabhu. Ukuze sibalwe nezinkunzi, kufanele senze isiqiniseko sokuthi siyawina ekhaya, kasiwalahli amaphuzu.

"Ngaphandle usungacosha lapha nalaphaya amaphuzu," kusho uZwane.