05 | Izindaba
Friday, 14 August 2026
NGUMUFI uNkz Senamile Nomthandazo Xaba (22), okuthiwa unqunywe yisoka lakhe.
Thandoluhle Ngubo
IQUBULA ukukhathazeka emphakathini waKwaSomopho, eMpangeni eyokuvuka kwezigameko zokubulawa kwabesifazane, njengoba kuyinyanga yabo.
Kunabesifazane ababili ababulewe kule ndawo ngasekuqaleni kwaleli sonto. Owokuqala ungenelwe ekubo, wadlwengula, wabulawa.
Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto, kungene amadoda amathathu kubo kwesisulu, asidlwengula, asibulala, emuva kwalokho ashaya achitha nokudla obekusendlini.
Esigamekweni sesibili, kubulawe uNkz Senamile Xaba (22). Kuthiwa isidumbu sakhe sitholakale endlini yesoka lakhe.
UMnu Mzikayifani Ndunakazi, onguyisemkhulu kaNkz Xaba, uthi umndeni uthole umbiko ngoMsombuluko ekuseni, othi umzukulu wakhe usebulewe yisoka lakhe, okungelendawo.
"Kuthiwa utholwe yingane yakhe, nenye yakubo kwesoka. Zimthola nje, bezithunywe nguninakhulu endlini yesoka. Kuthe uma zifika, zazithela phezu kwesidumbu sigcwele igazi.
"Zibuyele emuva ziyobikela abadala. Kuthe uma kubhekwa, kwatholwa ukuthi (umufi) unqunywe umqala," esho.
Ngesikhathi ekhuluma naleli phephandaba, uveze ukuthi isoka lisagcwele amathafa.
BEKUYISIMO esimuncu emndenini, emuva kokubulawa kukaNkz Xaba.
Uthe izinhlelo zomngcwabo kazikaphothulwa, kwazise kuningi okusamele kwenziwe.
Utshele leli phephandaba ukuthi umndeni wakubo kwesoka ufikile kwakhe, bavumelana ngezinhlelo zomngcwabo.
"Ngibatshelile ukuthi phakathi kwezinto esizozidinga; yizimbuzi ezine ngoba njengoba elimale nje, kumele simgeze igazi. (Imbuzi) eyesibili ngeyokumngenisa ekhaya, eyesithathu ngeyokugeza izikhali nabantu abeza emngcwabeni, eyesine eyomuntu ozovala umkhokha ukuze le nto ingeke iphinde yenzeke.
"Sizolinda bona-ke ngoba ngeke simlande emakhazeni siqhubeke nomngcwabo zingekho lezi zinto," kusho uNdunakazi.
UMasipala waseMfolozi uhambele kulo mndeni ngoLwesithathu, uyobhonga emswanini. Imeya, uMnu Xolani Bhengu, izwakalise ukukhathazeka ngokuvuka kwalezi zigameko.
"Zike zasihlasela kakhulu izigameko zokubulawa kwabesifazane lapha eMfolozi, kangangokuba undunankulu wesifundazwe, uMnu Thami Ntuli, waze wabiza imbizo yokukhuza lesi sihlava, kanti nabefundisi bahlela izinkonzo nemithandazo kukhuzwa, kwase kuyehla.
"Kuyasikhathaza ukuzibona zivuka ngamandla njengoba kuyinyanga yabesifazane. Siyethemba ingalo yomthetho izosebenza ngokuzikhandla.
"Ngifisa ukugqugquzela abesilisa ngamazwi oMntwana waKwaPhindangene (iNkosi Mangosuthu Buthelezi), athi kuwumsebenzi wabo ukuvikela abesifazane nabantwana.
"Noma ngayiphi inyanga, kumele kube wumthwalo wethu," esho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal,
uCapt Ntathu Ndlovu, kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli.