03 | Izindaba

Friday, 14 August 2026

Image

NGUZANEFA Ngidi.

UZanefa akazisoli ngokuthuka abaculi ngenxa yomnikelo weNkosi Yamagcoma


Ushiye alikhohliwe, esola ozakwabo ngokumncisha umsebenzi, kodwa bamkhumbule uma sekunikelwa

Mthobisi Sithole

AKAZISOLI uZanefa Ngidi, ongumculi kamaskandi, ochaphe ngenhlamba ozakwabo kulo mculo, emuva kokucelwa umnikelo wokukhalisa umndeni kaScebi "iNkosi Yamagcokama" Dlamini, oshone engozini yemoto ngoMgqibelo odlule, eRichards Bay.

Inkosi Yamagcokama yehlelwe yile ngozi iyonandisa emcimbini iBasadi Maskandi Festival, obukhona eRichards Bay. Kule ngozi kudlule negidangoma, uSipho “Gupta” Mchunu.

Kusabalale inkulumo kaZanefa ebhodla umlilo - eshiya angalazi - ngokumenywa eqoqweni leWhatsApp, elihlanganise abaculi, lapho bekubhungwa khona eyokuphonsa esivivaneni, ukuze kuyokhaliswa umndeni wakwaDlamini.

Lo mculi uthe akazisoli ngokuputshuka kwenhlamba achaphe ngayo ozakwabo, emuva kwesimemo seWhatsApp.

Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi uyazwelana nomndeni weNkosi Yamagcokama ngokudlula kwayo emhlabeni, ngoba wake wasebenzisana nayo, kodwa okumphathe kabi waze wasebenzisa inhlamba, wukuthi afakwe eqoqweni labaculi, okuqoqwa kulona umnikelo.

Uthe sekunesikhathi eside ebulawa yindlala, engaqashwa emicimbini, ozakwabo bengamsizi ngalutho.

Image

YINKOSI Yamagcokama.

Ubhale kuleli qoqo, wathi: "Uma kudliwa aningifaki, uma kufiwe niyangikhumbula, sengifile yindlala nikhona msu** yo***ko. Nginkomo edla yodwa mina, fusegani, laba abangifake la angilona igo** mina, kuyezwakala lapho emuva?”

Engxoxweni yaleli phephandaba nalo mculi, uthe abaculi abaningi banobudlelwano nabahleli bemicimbi, kodwa kabamkhulumi kahle.

Uthe abanye babo banemicimbi abayihlelayo, kodwa kabamqashi kuyona.

"Kungani belikhumbula igama lami uma kunesifo? Bayazi khona ukuthi ngiyithathephi imali yokuthenga i-data? Kangifuni nje bangijwayele kabi.

"Kuyangicasula ukukhunjulwa ezimeni ezifana nalezi, kodwa ngishiywa ngaphandle uma kufanele ngiqashwe emcimbini, ngithole imali yokuphilisa umndeni wami," kusho uZanefa.

Uthe emuva kokuveza le nkulumo kuleli qoqo labaculi, uphumile kulona. Uthe akafuni lutho nje oluzomhlanganisa nabo.

"Ngilunge ngiziphilela ngedwa. Senzana izilima emculweni. Ngididekile ukuthi njengoba bengifaka kuleli qoqo labo nje, bayithathaphi inombolo yami yocingo ngoba bengizitshela ukuthi kabanayo, ngenxa yokungivalela kwabo emicimbini, benginyundela nakubahleli bayo," esho.

Le mali eqoqwa ngabaculi izohanjiswa kwaDlamini (namuhla) ngoLwesihlanu. Inkosi Yamagcokama izofihlwa ngoMgqibelo kubo, emuva kwenkonzo ezokuba sezinkundleni zemidlalo eMzisho, eMsinga.

UGupta yena uzofihlwa namhlanje ngoLwesihlanu, kubo eMsinga.
mthobisis@ilanganews.co.za