20 | Ezemidlalo
Friday, 13 March 2026
NGUSIYANDA Xulu oselokhu wagcina ukubonakala enkundleni ngo-2024, egijima kwiSuperSport United.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
USEGAQELWE ngenye ikilabhu yase-Asia uSiyanda "Magazi" Xulu (34) oyisitobha okuvela, ukuthi ubezama inhlanhla e-Armenia, kodwa kabaze bavumelana ngezinto ezithile nekilabhu abekuyona, okwenze wabuyela eNingizimu Afrika, njengoba sekuvela ukuthi usefunwa ngeyaseKazakhstan.
UXulu ugcine ukubonakala enkundleni ngo-2024 edlala kwiSuperSport United. Selokhu ehlukane nale kilabhu, ubengakaze adlale ndawo.
ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi kusukela ngoJanuary, uXulu ubejima nekilabhu yase-Armenia.
Kuthiwa ubuye ngeledlule emuva kokuba bengavumelananga ngezinto ezithile. Kuthiwa emuva kokusuka kule kilabhu, sekuvele kwaqhamuka eyaseKazakhstan emfunayo.
Leli phephandaba libuza uLebohang "Guluva" Mashishi ophethe uXulu, uthe: "UXulu ubese-Armenia kusukela kuqala unyaka, ejima nenye ikilabhu enkulu yakhona, kodwa sangavumelana ngezinto ezithile, wabuya.
"Yebo ikhona ikilabhu emufunayo yase-Asia, kodwa kufanele kuye mina kuqala kuyona ngiyoqedela izinto bese engilandela eseyodlala kuyona. Izinto eziningi zizocaca kahle uma sengibuye e-Asia."
Imidlalo ye-English Premier League (EPL) engempelasonto imi kanje:
NGOMGQIBELO
Burnley vs Bournemouth 17h00.
Sunderland vs Brighton 17h00.
Arsenal vs Everton 19h30.
Chelsea vs Newcastle 19h30.
West Ham vs Manchester City 22h00.
NGESONTO
Crystal Palace vs Leeds United 16h00.
Manchester United vs Aston Villa 16h00.
Nottingham Forest vs Fulham 16h00.
Liverpool vs Tottenham Hotspur 18h30.
* EyeSpanish La Liga:
NGOLWESIHLANU
Deportivo Alaves vs Villarreal 22h00.
NGOMGQIBELO
Girona vs Athletic Club 15h00.
Atletico Madrid vs Getafe 17h15.
Real Oviedo vs Valencia 19h30.
Real Madrid vs Elche 22h00.
NGESONTO
Mallorca vs Espanyol 15h00.
Barcelona vs Sevilla 17h15.
Real Betis vs Celta Vigo 19h30.
Real Sociedad vs Osasuna 22h00.
* Eye-Italy Seria A:
NGOLWESIHLANU
Torino vs Parma 21h45.
NGOMGQIBELO
Inter Milan vs Atalanta 16h00.
Napoli vs Lecce 19h00.
Udinesse vs Juventus 21h45.
NGESONTO
Hellas Verona vs Genoa 13h30.
Pisa vs Cagliari 16h00.
Sassuolo vs Bologna 16h00.
Como vs AS Roma 19h00.
SS Lazio vs AC Milan 21h45.
* EyeFrench Ligue 1:
NGOLWESIHLANU
Marseille vs Auxerre Auxarre 21h45.
NGOMGQIBELO
Lorient vs Lens 18h00.
Angers vs Nice 20h00.
Monaco vs Brest 22h05.
NGESONTO
Strasbourg vs Paris 16h00.
Le Havre vs Olympique Lyonnais 18h15.
Metz vs Toulouse 18h15.
Rennes vs LOSC Lille 21h45.