17 | Ezemidlalo

Friday, 13 March 2026

Imfihlo yabadlali abawupelepele kwiBucs

Bashiya izimbangi zididekile ngokushintshashintsha izindawo
Image

NGU-OSWIN Appollis (kwesokudla) nozakwabo, uRelebohile Mofokeng.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela noMfanafuthi Ndlovu

UMDLALI ofike kwezwakala kwi-Orlando Pirates, u-Oswin Appollis, udalula imfihlo yakhe noRelebohile Mofokeng adlala ngokukhulu ukuzwana naye kwezikaMagebhula.

IBucs ibuyele esicongweni seBetway Premiership iguqisa iRichards Bay FC ngo-2-0 koweBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku e-Orlando Amstel Arena, eSoweto.

Amagoli eyo avalelwe enethini ngu-Appollis - oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo - no-Evidence Makgopa obhakuzise iphenathi.

Image

NGURELEBOHILE Mofokeng exinwe nguMoses Mthembu weRichards Bay FC.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

U-Appollis ebuzwa ukuthi ngabe ngumqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou yini obatshelayo uma sekufanele bashintshane ngezindawo abazidlalayo benoMofokeng - okuyinto okubonakale beyenza kaningana kulo mdlalo, futhi eshiya izimbangi zinokudideka - uthe: "Kakuyena umqeqeshi ositshelayo, naye ubona ngoba sesenza.

"Esikhathini esiningi uRele nguyena ongazisayo uma sekufanele sishintshane. Ngiyajabula ngoba esikhathini esiningi kuyasisebenzela. Kulo mdlalo nje kusisebenzele kakhulu, yingakho sikwazile ukunqoba."

Emdlalweni olandelayo weBucs, izobhekana neSiwelele FC koweligi ngoMgqibelo ngo-15h30 e-Orlando Amstel Arena.

Laba badlali bagijima ngokuzwana kwiBucs nje, nakwiBafana Bafana bahlale bebizwa njengoba beyingxenye yesikwati esimenyezelwe ngumqeqeshi, uHugo Broos, esizodlala nePanama emidlalweni emibili yokuvivela iNdebe yoMhlaba yeFifa ezokuba ngoJune nangoJuly e-USA, eCanada naseMexico ngokuhlanganyela.

Le midlalo izokuba ngomhla ka-27 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, nangomhla ka-30 eDHL Cape Town Stadium.

Amathikithi okubuka imidlalo yeBafana nePanama ngokwahlukana abiza u-R80 awabadala no-R50 awezingane.

Sesisonke isikwati seBafana esisazohlungwa ukubhekana nePanama simi kanjena, onozinti: URonwen Williams, uRicardo Goss, uSipho Chaine, uRenaldo Leaner noDarren Johnson.

Izitobha: 
UKhuliso Mudau, u-Olwethu Makhanya, uDeano van Rooyen, uThabang Matuludi, uVuyo Letlapa, uTylon Smith, uNkosinathi Sibisi, u-Aubrey Modiba, uKhulumani Ndamane, u-Ime Okon, uSamukelo Kabini noMbekezeli Mbokazi.

Esiswini: UTebogo Mokoena, uJayden Adams, uThalente Mbatha, uNdamulelo Maphangule, uMthetheli Mthiyane, uLuke Roux, uSiphephelo Sithole noBongokuhle Hlongwane.

Abagadli: U-Oswin Appollis, uTshepang Moremi, u-Evidence Makgopa, uLyle Foster, u-Iqraam Rayners, uRelebohile Mofokeng, uThemba Zwane, uPatrick Maswanganyi, uYanele Mbuthuma, uKamogelo Sebelebele, uMohau Nkota, uThapelo Morena noThapelo Maseko.