17 | Ezemidlalo

Friday, 13 February 2026

Image

NGUTEBOHO Mokoena eshiya uZinedine Ferhat weMC Alger "edl' utshani", kanti uMohamed Benkhemassa uzama ukumvimba.

Kuphela amaphupho ngawakuleli kweyeCaf

Kubanjwe umoya ngekusasa leDowns kwiChampions League neleChiefs kwiConfed Cup

Senzo Sokhela

KUPHELA amaphupho emakilabhini aseNingizimu Afrika adlala emiqhudelwaneni yeCaf njengoba ngale mpelasonto kusongwa isigaba samaqoqo, okuzocacisa ukuthi yimaphi azomela elakuleli kuma-quarter final eChampions League naweConfederation Cup.

Umdlalo okuyiwona obhekwe kakhulu ngozokuba phakathi kweMamelodi Sundowns neMC Alger yase-Algeria wokusonga uGroup C weChampions League, ongoMgqibelo ngo-15h00, eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.

IDowns isenkingeni njengoba isengcupheni yokuphuma kulo mqhudelwano ngenxa yendawo embi ehleli kuyona kuleli qoqo.

Ilele endaweni yesithathu ngamaphuzu awu-6 emidlalweni ewu-5. Ilandela iMC Alger esendaweni yesibili ngamaphuzu awu-7 emidlalweni efanayo.

Lokhu kuchaza ukuthi iDowns idinga ukunqoba kumnyama kubomvu kulo mdlalo ukuze idlulele kuma-quarter final.

Nakuba umqeqeshi wayo uMiguel Cardoso ezithembile ezakhe ukuthi zizodlula kulo mdlalo, kodwa noRulani Mokwena ololonga i-Alger uthi akazile eNingizimu Afrika ukuzosinisa amahleza, uzowunqoba lo mdlalo.

Ozohlulwa phakathi kwala makilabhu, uzophuma kulo mqhudelwano kanti i-draw izovuna i-Alger.

Abalandeli beDowns balibeke ngesihloko elokuthi badinga ukubona le kilabhu idlala kuma-quarter final ngoba yiyona into abayijwayele uma kungenjalo uCardoso kuzofanele ahambe.

Image

UMOHAMED Kotb weZamalek ufakazela ukukhuluma kwasebholeni okuthi "kudlul' indoda kusal' ibhola, noma kudlule ibhola kusal' indoda" njengoba ebonakala edonsa uMduduzi Shabalala ngejezi.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

* Omunye umdlalo obhekiwe weCaf, ngophakathi kweKaizer Chiefs neZamalek yase-Egypt wokusonga uGroup D weConfederation Cup ngoMgqibelo ngo-15h00 e-Egypt.

Ukungena kweChiefs kuma-quarter final kulele kuyona njengoba idinga iphuzu nje kuphela ukuze idlulele phambili.

Yiyona eqhwakele ngamaphuzu awu-10 emidlalweni ewu-5 kuleli qoqo. Ilandelwa yiyona iZamalek ngamaphuzu awu-8 emidlalweni efanayo.

IZamalek idinga iwini ukuze idlulele emzuliswaneni womkhumulajezi. La makilabhu abambane ngo-1-1 emlenzeni wokuqala.

* IStellenbosch izobhekana neSingida Black Stars yaseTanzania kowokusonga u-group C weConfederation Cup ngeSonto ngo-18h00 eDHL Cape Town Stadium.

Womabili la makilabhu aseyodlalela isithunzi njengoba esephumile kulo mqhudelwano.