19 | Ezemidlalo

Friday, 13 February 2026

Owe-Arrows ufuna ukwenza iDowns isitebhisi kwiDDC

Uthi umdlalo wala makilabhu ufike kahle sebesefomini enhle
Image

NGUSIYABONGA Mabena weSundowns, oseshovelwe esikimini senjejane yale kilabhu esizobhekana nese-Arrows.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

UFUNA ukwenza iMamelodi Sundowns Reserves isitebhisi sokufinyelela lapho ababheke khona ngale sizini umqeqeshi weLamontville Golden Arrows Reserves, uKagisho "KG" Dikgacoi.

I-Arrows Reserves izobhekana neDowns Reserves koweDStv Diski Challenge (DDC) ngeSonto ngo-10h00 eSeshege Stadium, eLimpopo.

La makilabhu atholana nje, asefomini kulezi zinsuku njengoba eshaya kwasani.

Image

NGUKAGISHO Dikgacoi ongumqeqeshi we-Arrows Reserves.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UDikgacoi uthe: "Sidlalile nabo emzuliswaneni wokuqala basehlula, kodwa ngikholwa wukuthi isiwombe sesibili salowaya mdlalo kwakungesethu, babengaliboni elidlalayo.

"Lokho kwasenza sazizwa singabanqobi yize basehlula. Kulokhu bazosithola kahle, zonke izinto zethu sezihlelekile.

"Lo mdlalo uzoba mnandi ngoba bayawina, kanti nathi ngokunjalo siyawina. Engingakusho wukuthi siyolwela ukuwunqoba lo mdlalo ngoba inhloso yethu wukuthi siqede le sizini sikwi-top 4.

"Yimidlalo enjengalona okufanele sizikale ngayo ukuthi sizokufeza yini esifuna ukukuzuza."

Imidlalo yeDDC isiyonke imi kanje:
NGOMGQIBELO
ESeshego Stadium: Polokwane City Reserves vs Siwelele Reserves 10h00; Magesi Reserves vs Marumo Gallants Reserves 12h00.
EChatsworth Stadium: Richards Bay Reserves vs Durban City Reserves 12h00.
E-Isak Steyl Stadium: Sekhukhune United Reserves vs Orbit College Reserves 12h00.
NGESONTO
E-Idas Valley Sports Ground: Stellenbosch Reserves vs Orlando Pirates Reserves 10h00.
ESolomon Mahlangu Stadium: TS Galaxy Reserves vs Chippa United Reserves 10h00.
ESeshego Stadium: Golden Arrows Reserves vs Sundowns Reserves 10h00; AmaZulu Reserves vs Kaizer Chiefs Reserves 12h00.