21 | Ezemidlalo

Friday, 13 February 2026

IComrades ihlunga abafana emadodeni


Ifinyeze izikhathi zokungena kuma-elite kubona bobubili ubulili
Image

KUSUKE sekusuka lokho, abasubathi beqala iComrades Marathon.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Mzwamandla Zondi

SIFINYEZIWE isikhathi sabasubathi abafuna ukungena kwi-elite, kwabesilisa kwiComrades Marathon yanonyaka ezokuba ngeSonto lomhla ka-14 kuJune, isukela eThekwini isongwe eMgungundlovu.

Umjaho wanonyaka uzokube ugijinywa ihlandla lika-99, kanti kuqopheke umlando kuvalwa ukuwungenela ngaphansi kwamahora alishumi kuvuliwe.

Bekufuneka abasubathi abawu-22 000, abatholakale ngokuphazima kweso. Abasubathi abafuna ukungena kuma-elite kwabesilisa, kufanele benze isikhathi esiwu-2:25, kanti nyakenye bebebekelwe u-2:30.

Abesifazane kufanele benze u-2:45 uma befuna ukungena kuma-elite.

Umjaho wanonyaka kubhekwe ukuba ube sezingeni eliphezulu kakhulu njengoba kubhekwe kowekhulu.

Nyakenye iComrades ifake uhlelo olusha lapho bekunezigaba ezimbili zokusuka abagijimi, okulindeleke ukuba baqhubeke nalo nakulo nyaka.

Image

Kuzokhumbuleka ukuthi ukuze ukwazi ukubamba iqhaza kulo mjaho kufanele wenze i-marathon. Isikhathi osenzile yisona esikufaka kwi-batch yakho.

Abenze u-2:25 besilisa no-2:50 kwabesifazane basuka kuqala.

Ukungena kulo mjaho kufanele wenze ngaphansi kuka-4:59:59 ku-42km, kube u-5:59:59 (48km), u-6:09:59 (50km), u-6:29:59 (52km no-54km), 6:59:59 (56km), 7:39:59 (60km), 8:14:59 (64km), 10:34:59 (80km), 11:59:59 (90km) no-13:34:59 ku-100km.

Abasubathi kulindeleke ukuba bathumele zonke izikhathi zabo ukuze bafakwe lapho bezokuma khona, namalayisensi anonyaka ngaphambi komhla ka-4 kuMay.

Abasubathi abakhokhe imali engaphelele ngesikhathi kubhaliswa, kuzofanele baqinisekise ukuthi bayaqedela uma kuphela le nyanga esikuyona.

Labo abasale ngaphandle, basenalo ithuba njengoba kuzokuthi ngo-April kube ne-substitution (lapha abasubathi abasuke bengeke besakwazi ukugijima ngenxa yezizathu ezithile banikezela ngezikhala zabo kulabo abasale ngaphandle ngesikhathi kubhaliswa).

Abasubathi bangangena kwi-website ethi: www.comrades.com ukuthola olunye ulwazi.