20 | Ezemidlalo

Friday, 12 September 2025

OweSundowns wexwaya izitha abazophinda nazo

Bazodlala kungakapholi maseko amaSandawana ehlule iMagesi ekuhambeni
Image

NGULEBO Mothiba weDowns (ophethe ibhola) obona ingozi ezitheni abazobhekana nazo koweligi.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

UBONA ingozi kwizimbangi abazobhekana nazo koweBetway Premiership uLebo Mothiba ongumgadli weMamelodi Sundowns.

IDowns iqhathwe neMagesi FC koweBetway Premiership ngeSonto ngo-15h00 eLucas Masterpieces Moripe Stadium, e-Atteridgeville.

La makilabhu atholana nje, asanda kubhekana kuyona iligi, emdlaweni ogcine unqotshwe yiDowns ngo-2-0 eSeshego Stadium, eLimpopo, emasontweni ambalwa edlule.

Image

NGUMCEDI Vandala weMagesi ezithela inyandana kuFawaaz Basadien weDowns emdlalweni odlule wala makilabhu.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UMothiba ushaya amakhala ngeMagesi njengoba bezophinda nayo.

"Yinto enhle kithina ukuthi sizobhekana nabo, kwazise besisanda kudlala nabo koweligi, sabehlula. Sibabonile ukuthi badlala kanjani, sayifunda indlela abadlala ngayo. Bazoba yingozi ngoba bazofuna ukuziphindiselela, futhi-ke sebeyasazi.

"Kodwa-ke sibalindele ngoba ejimini sisebenze kanzima. Ngikholwa wukuthi bonke abadlali bawulangazelele lo mdlalo weMagesi," esho.

Umdlalo we-Orlando Pirates neMagesi FC obekufanele ugijinywe ngoLwesithathu ebusuku eSoweto, uhlehlisiwe.

Imidlalo yeBetway Premiership iqhathwe kanje:
NESONTO
ELucas Moripe: Mamelodi Sundowns vs Magesi 15h00.
NGOLWESIBILI
EBuffalo City: Chippa United vs Orbit College 19h30.
EChatsworth: Durban City vs Siwelele 19h30.
E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Sekhukhune United 19h30.
NGOLWESITHATHU
EPrincess Magogo: AmaZulu vs Stellenbosch 19h30.
EDr Molemela Stadium: Marumo Gallants vs Mamelodi Sundowns 19h30.
E-Old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Golden Arrows 19h30.
EMhlathuze Sports Complex: Richards Bay vs TS Galaxy 19h30.