UBEZALELWE yisimaku endlini uCalvin Bassey weNigeria, obelokhu egijinyiswe njalo nguMohau Nkota weBafana Bafana.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UMQEQESHI weBafana Bafana uHugo Broos, uthi sekusezandleni zaleli qembu ukungena emidlalweni yeNdebe yoMhlaba yeFifa ezokuba ngonyaka ozayo eCanada, eMexico nase-United States of America.
IBafana ibambane neNigeria ngo-1-1 koka-group C wokuhlungela indebe yomhlaba ngoLwesibili ebusuku eToyota Stadium, eBloemfontein.
Yiyona evule inkundla uWilliam Troost-Ekong ongukaputeni weNigeria elihlohla ngakubo, kwathi elokulinganisa lezitha lashaywa nguCalvin Bassey.
IBafana isidinga iwini nje kuphela emidlalweni emibili esele, bese ingena kulo mqhudelwano wendebe yomhlaba.
Isalelwe yiZimbabwe ekuhambeni, neRwanda ekhaya.
Yomibili le midlalo izokuba ngasekuqaleni kuka-October.
NGUMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UBroos uthi konke kulele kwiBafana ukuzingenela igijima kule midlalo.
"Besikulindele ukuthi iNigeria izosebenzisa indluzula ukuzama ukunqoba lo mdlalo ngoba ibidinga iwini, kumnyama kubomvu. Sibe nomdlalo omuhle, abafana bami balwile, ikakhulukazi ngesiwombe sesibili.
"Ngibatshelile ngaphambi komdlalo ukuthi siyolwela ukuwina, kodwa uma sidlala ngokulingana, ngizojabula.
"Ngibatshelile futhi ukuthi uma singeke siwine ngebhola elihle, kuzofanele siwine ngokusebenzisa indluzula.
"Yiyona into abayenzile, balwile, bebewina wonke amabhola. Kodwa-ke kule midlalo emibili esisalele, konke sekulele kithina ngokuya emqhudelwaneni wendebe yomhlaba.
"Ngifuna singene kule midlalo ngomdlalo weZimbabwe, kangifuni ukuthi silokhu silinda umdlalo wokugcina," kusho uBroos.