14 | Izindaba
Friday, 12 September 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi: Usengene emkhakheni wokuklwebha amapuleti uSthandwa woKhozi FM, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
KwaMakhutha Newsroom:
AKANGQUNYWE izinzipho angaze aklwebhe nathi singenze lutho.😾
Thobile Ndlovu-Shangase:
DJ Sthandwa!
Kwavele kwamfanela.
Sir-Lindo Wakwa Mantshinga:
NGATHI ehlulwa wukusakaza nokulingisa, engabe uzoba njani kwezokuklwebha amapuleti?
Mgnl Senzo:
UZOYISHIYAPHI indoda uma esewaklwebha?
Angangiphoxi lo mntwana. Useyosebenzela iSatanist?
Thokozile K Khubisa Khubisa:
YAZI ngimzwile izolo ekhuluma ngabantu asebematasa ngama- content ngoba nakhu sekuholwa kuma-social media.
Wathi abanye kayikho nento abayenzayo.
Buti Phumoh Ngcobo:
HHAYI bo! Angalimazi abantu ngezinzipho, angaklwebhi kakhulu. 😂😂 Khona ozocabanga izinzipho mezwa elokuklwebha. 🤣🤣
Sifiso Xulu:
SIYAKUBONGELA. Okusho ukuthi ungumuntu o-active ne-talent. Ungezwa-ke sekuthiwa uphesheya kwezilwandle. 😁😁😁
Sphathi Mandla:
USBONGA kodwa wayekade eyixosheleni kodwa le ngane?
Ngabe ikude ngempilo.
Nkosinathi Mathe:
STHANDWA sami ngiyakuthanda Sthandwa Nzuza.
KaNozishada KaMaqhoboza.
FLY Cc wami kuyaphantwa, sofa sizama!!
Real Zazi Sikhosana:
SIYAMBONGELA uMaMshazi kaNozishada, kamaqhoboza, isphalaphala soKhozi.
Nokwethemba Vee Mthembu Majola:
WAZE wasiyala uMfundisi nahlukana
Winnie Nkosi:
KWAVELE kwamfanela zibekwa nje. Exactly top 20.
Mkhululi Shandu:
UBIZWA ngo-DJ bani-ke mbhali?
Mageza..Dudla:
USEMDALA-KE. Kodwa kmakaqhubeke alingise (actor).
Sboniso Is'chaka Es'ngaceli Gamede:
UKWENZANI ukuklwebha amapuleti??
Lethuu Ntsele:
ASINENDABA noma angangena kwezokuphuza.