08 | Izindaba

Friday, 12 September 2025

Image

YINGXENYE yezitshudeni ezilishumi, ezenza unyaka wokuqala kwiziqu zazo enyuvesi yakwaZulu-Natal, ezihlomule ngokuhlonishwa ngokuphasa kahle.

Inyuvesi iklomelisa ngemifundaze abaphasa kahle eKZN


Lolu hlelo lukhuthaza izitshudeni ukusebenza kanzima


Mthobisi Sithole

IKLOMISE ngemifundaze abenza kahle ezifundweni zabo inyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN).

Lolu hlelo lwenyuvesi, kuhloswe ngalo ukugqugquzela izitshudeni ukuba zikhuthalele ukusebenza kanzima. Ziwu-78 izitshudeni ezihlomulile kwezingaphezulu kuka-30 000 ezibhalisile kule nyuvesi kunyaka ka-2025.

Izitshudeni eziwu-10 zesifazane ezihambe phambili, zenza unyaka wokuqala kulo nyaka.

Phakathi kwazo nguBomi Halutushe, uZine Mabaso, uSphosphelele Masango, uSlindokuhle Mngxaki, uNonkululeko Myende, uPhilisiwe Ngubane, uSlindokuhle Nyawose, uSiphokazi Shezi, u-Amanda Sibiya, abenza iziqu zobudokotela noMinenhle Ngobese, owenza ezomthetho.

Zonke lezi zitshudeni zizuze iGinwala Scholarship, ehlose ukweseka kakhulu izitshudeni zebala elimnyama, ezingakaphothuli iziqu zazo zemfundo ephakeme.

Image

NGUSOLWAZI Thabo Msibi, oyi-Deputy Vice-Chancellor kwezokufunda nokufundisa.

UPhilisiwe Ngubane ophothule umatikuletsheni nyakenye eZululwazi Secondary, eMgungundlovu, ngo-distinction abawu-7, wamukelwa kule nyuvesi emkhakheni wobudokotela.

Uthi nakuba ephuma emndenini ongamile kahle, kodwa ukufunda ngokuzimisela yikhona okumkhuthazayo.

"Ngiyabonga kakhulu ngokuhlonishwa ngomklomelo obaluleke kangaka. Ukuzimisela kwami yikhona okungisize kakhulu. Ngiyazenzela isikhathi sokufunda kunokunaka ubumnandi," esho.

Uthi uyakhuthazeka njengoba esethwele umthwalo wokuqinisekisa ukuthi akehli ezifundweni zakhe kuze kube uyaphothula.

UNonkululeko Myende ophuthule nyakenye eNogujwa High, naye uhambe emazwini afanayo.

"Ngibonga abangani bami esizimisele nabo ngesikole, ngoba ukuba besikhohlisana ngezinto ezimbi, besingeke sizuze lo mklomelo wokuhlonishwa enyuvesi ngonyaka wethu wokuqala sifika," kusho uNonkululeko.

Uthe abazali bakhe bamgqugquzela nsuku zonke ngokuthi angashintshi ukwenza kahle uma esefike enyuvesi.

USolwazi Thabo Msibi oyi-Deputy Vice-Chancellor kwezokufunda nokufundisa kule nyuvesi, uthe bayaziqhenya ngokuthi inyuvesi ikhuthaze abafundi okuyibona abaphakamisa igama layo.

"Abantwana esibafundisayo, yibona abayikusasa lesizwe. Ukwenza kwabo kahle, kuyophakamisa inyuvesi yethu uma sebeqedile iziqu zabo, sebesebenzela umphakathi.

"Ngakho-ke siyabakhuthaza nabanye ukuba basike iphethini," kusho uMsibi.

mthobisis@ilanganews.co.za