20 | Ezemidlalo
Friday, 12 June 2026
KUSUKA kwesobunxele; nguXanti Pupuma ongumnikazi futhi ongumqeqeshi weMilford FC; ngunozinti weMagesi FC, u-Elvis Chipezeze nomqeqeshi wakhe, u-Allan Freese.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
IMAGESI FC isonga ukuzibuyisa zishisa izinduku kwiMilford FC emdlalweni wokugcina wePSL Promotional Play-Offs, ozokuba ngoMgqibelo ngo-15h00, eSeshego Stadium.
IMagesi iwadinga ephelele amaphuzu alo mdlalo ukubuyela kwiBetway Premiership, kanti iMilford iyolwela ukuthola iphuzu nje kuphela kulo mdlalo ukungena esigabeni esikhulu.
Emdlalweni odlule wala makilabhu, iMilford inqobe ngo-1-0 eMhlathuze Sports Complex.
U-Allan Freese opheka iMagesi FC, utshele abezindaba ukuthi lo mdlalo ufana nowamanqamu uqobo kubona.
Uthe kumjabulisile ukubuya nephuzu eKapa bebambana neCape Town City ngo-1-1 ngoLwesithathu, okuzokwenza ukuba baye kowokusonga bengenayo ingcindezi yokudinga ukunqoba ngamagoli amaningi.
"Sengithandazela ukuba baqede konke uma sesibhekene neMilford. Kufanele sibatadishe kahle abeMilford kwazise basikhiphe inkani eMhlathuze. Kumele nakanjani sizibuyise zishisa izinduku.
"Ngeke sikuvumele ukuba bachanase enkundleni yethu, phambi kwabalandeli bethu," esho.
NGUMENZI "Deco" Chili weMilford egadulisa uSamuel Darpoh weMagesi.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UJan Vreman opheka iCape Town City, uthi uphoxekile behluleka kule midlalo.
"Kumele sizinuke amakhwapha, sibuyele ejimini siyoqala amalungiselelo esizini ezayo ngokushesha.
"Yebo, abadlali abanesipiliyoni bekumele sibasebenzise kakhudlwana kule midlalo yokuhlunga, ngiyalibona iphutha esilenzile," esho.
ICity izobuyela kwiMotsepe Foundation Championship (MFC), kanjalo nekilabhu ezohluleka phakathi kweMagesi neMilford, izoya kulesi sigaba.