18 | Ezemidlalo
Friday, 12 June 2026
NGUNEYMAR Jr, ongumdlali weBrazil.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UNEYMAR Jnr (34) waseBrazil uthi uzizwa engumfanyana njengoba ezodlala umqhudelwano wokugcina weNdebe yoMhlaba yeFifa, ogijinyelwa e-United States of America (USA), eCanada naseMexico.
IBrazil izobhekana neMorocco koka-group C ngeSonto ngo-00h00, kowokuvula wala mazwe kulo mqhudelwano.
UNeymar kulindeleke ukuba angabikhona kulo mdlalo njengoba esanokuthinteka. Kuthiwa ujima yedwa, akakazihlanganisi nozakwabo.
"Yize kuwumqhudelwano weNdebe yoMhlaba wesine kimina, kodwa nginomuzwa wokuthi ngathi ngowokuqala ngendlela okuyiyona. Noma kanjani, ngowokugcina wami lona.
"Ngizizwa sengathi ngingumfanyana oneminyaka yobudala ewu-18 njengoba ngizodlala kule midlalo. Ngizozithokozisa kule midlalo, ngizojabulela yonke into.
"Kodwa-ke into emqoka wukuthi siwuqale kahle lo mqhudelwano ngokunqoba. Ngeke ube lula lo mdlalo esiya kuwona ngoba iMorocco yenze kahle eQatar, ekubeni ibinganikwa lutho. Kodwa-ke sizokwenza isiqiniseko sokuthi siyawunqoba lo mdlalo."
NGABADLALI beMorocco bezilungiselela umdlalo.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Ukhuluma ngokwenza kahle kweMorocco eQatar nje uNeymar, leli lizwe laqopha umlando kulowaya mqhudelwano owawungo-2022, liba ngelokuqala elase-Afrika ukufinyelela kuma-semi final.
Lafinyelela kulesi sigaba ngokuqumba phansi iPortugal kaCristiano Ronaldo ngo-1-0 wegoli likaYoussef En-Nesyri, alingqofela enethini ngomzuzu ka-42.
Imidlalo yeNdebe yoMhlaba yeFifa ngoLwesihlanu kuze kube uMsombuluko imi kanjena:-
NGOLWESIHLANU
Korea Republic vs Czechia 04:00.
Canada vs Bosnia-Herzegovina 21:00.
NGOMGQIBELO
United States vs Paraguay 03:00.
Qatar vs Switzerland 21:00.
NGESONTO
Brazil vs Morocco 24:00.
Haiti vs Scotland 03:00.
Australia vs Türkiye 06:00.
Germany vs Curacao 19:00.
Netherlands vs Japan 22:00.
NGOMSOMBULUKO
Cote d'Ivoire vs Ecuador 01:00.
Sweden vs Tunisia 04:00.
Spain vs Cape Verde 18:00.
Belgium vs Egypt 21:00.