17 | Ezemidlalo
Friday, 12 June 2026
NGUKABELO Dlamini wePirates, osekunesikhathi wagcina ukubonakala ensimini.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
ZIHLUKENE phakathi izikhulu ze-Orlando Pirates ngodaba lomdlali wayo okuphele isizini edlule eyifenisha kule kilabhu.
IBucs kayizibekile phansi kulezi zinsuku njengoba yenza izinguquko eqenjini layo. Idedele uBandile Shandu, uSipho Mbule, uTshegofatso Mabasa, uKarim Kimvuidi, uGilberto noThabiso Lebitso.
Isayinise uMthetheleli Mthiyane obekwiStellenbosch FC, uSibangani Zulu obekwiRichards Bay, uBohale Ngwato noGhampani Lungu abebekwiSiwelele FC.
UKUSUKA kwesobunxele; nguSipho Mbule, nguTshegofatso Mabasa, nguThabiso Lebitso noKarim Kimvuidi abadedelwe yiBucs kanye noBandile Shandu (26), omakana noKabelo Dlamini ngemuva.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi izikhulu zeBucs zihlukene phakathi ngodaba lukaKabelo "Shenko" Dlamini (30) odlala esiswini, okuphele isizini edlule esizwa ngendaba isikimu.
Umthombo waleli phephandaba, uthe: "Kukhona izikhulu ezifuna adedelwe, kumbe abolekiswe, bese kuba khona ezifuna ukuthi ahlale, alwele indawo yakhe. Yena ufuna ukuhlala alwele indawo yakhe.
"Kodwa-ke ekugcineni iBucs kufanele inqume ngaye ukuthi uyahlala noma uyahamba yini."
Imizamo yokuthola uSihlalo weBucs, u-Irvin "The Iron Duke" Khoza ukuba aphawule ngalolu daba, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.