08 | Izindaba
Friday, 12 June 2026
NGUNKKÂ Nokuzola Kolwapi, oyiPhini lemeya kuMasipala iBitou, ePlettenberg Bay, osenikwe amasamanisi mayelana namacala athinta ukuqhumisa isibhamu emphakathini.
Omunye umholi otakwini ngokuqhumisa isibhamu emphakathini
Kuthiwa wasiqhumisa egajwe yinjabulo, ngesikhathi kujatshulelwa ukubuya kwendodana yakhe ukuyosokwa
Mthokozisi Dlomo
UPHIKO lwezokushushisa iNPA, luthi usenikiwe amasamanisi ambizela enkantolo uNkk Nokuzola Kolwapi, oyiPhini lemeya kuMasipala iBitou, ePlettenberg Bay, mayelana namacala athinta ukuqhumisa isibhamu emphakathini.
Ngokusho kukaMnu Eric Ntabazalila, okhulumela iNPA eWestern Cape, uNkk Kolwapi kulindeleke ukuba avele enkantolo ngomhla ka-23 kwephezulu.
Amacala athweswe wona asukela kwi-video eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana, lapho ebonakala 'edubula phezulu ngesibhamu' esidlangaleni.
Kubikwa ukuthi wayegajwe yinjabulo, njengoba kwakwemukelwa indodana yakhe eyayibuya kosokwa entabeni.
Phambilini uNkk Kolwapi wazithethelela ngokuthi isibhamu abonakala esiphethe kule video, siyithoyizi.
Kumangalelwa iphini lemeya nje, ngo-April walo nyaka, iNkantolo yeMantshi kuGompo
(e-East London) igwebe umholi we-EFF, uMnu Julius Malema iminyaka eyisihlanu ejele ngecala elifanayo.
UMalema ungaphandle ngoba wasiphonsela inselelo lesi sigwebo enkantolo ephakeme.