05 | Izindaba
Friday, 12 June 2026
Unethemba lokuthi kuyothi kuphela unyaka, ingoma yakhe ibe isilalelwe ngabantu abafikile ku-2 million
Uthi okumchaza ngale ngoma wukuthi ilalelwa ngabadala nabancane, abajwayele ukubonakala beyicula ezinkundleni zokuxhumana
Nhlanhla Hudla
UMCULI osezakhele igama ngengoma esematheni kulezi zinsuku, uMnu uMthembeni Zulu (42) waKwaNongoma (osesithombeni esingezansi), wodumo lwengoma ethi, Ulamula Kanjani, ubonga amagalelo omsakazi woKhozi FM, uKhathide "Tshatha" Ngobe.
Le ngoma idume kakhulu njengoba njalo uma kunemibhikisho, ihlale iculwa. Ngaphandle kwalokho, ibukeka ithakaselwa kakhulu nayintsha ehlala ezindaweni ezahlukene, njengoba ihlala ibonakala iyicula ezinkundleni zokuxhumana.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uZulu, uthe ubonga akaphezi kubona bonke abeseka umsebenzi wakhe, njengoba usufike ku-1 million kulaba abawulandelayo, okuyinto emjabulisa kakhulu.
"Konke lokhu okwenzekayo, kungenza ngizithobe kakhulu ngomsebenzi wami. Nginesikhathi ngaqala ukucula, kodwa lokhu okwenzeka manje, sekuwuthathe kwawubeka phezulu umsebenzi wami. Ukucula yinto engayiqala ngisemncane esikoleni.
Ukunqoba emcimbini owawuhlelwe nguTshatha uthi kwamvulela iminyango, waqopha nengoma ngemali ayihlomula kuwo
"Okuningi kwaqala ngesikhathi nginqoba umcimbi kaTshatha, owawuKwaNongoma, nalapho nganqoba khona u-R100 000, okuyiwona engaqopha nengoma yami.
"Ngibonga kangiphezi kumfo kaNgobe ngokukwazi ukusicabangela njengomphakathi wangakubo. Empeleni kuyasho ukuthi ungumuntu okhuliswe kahle.
"Okungijabulisa kakhulu wukuthi ingoma yami iyadlala nasemisakazweni emikhulu, futhi nginethemba lokuthi isazoqhubeka idlale.
"Okuhle nje wukuthi inomyalezo omuhle, akukho lapho enodlame khona.
"Lokhu kuthandwa kwayo kangaka bengingakulindele, kodwa sekunginike ithemba lokuthi kuzokuthi kuyophela unyaka, liyobe selibheke ezigidini ezimbili inani labantu abayilalelayo ezinkundleni zokuxhumana.
"Okungichaza kakhulu wukuthi ingoma yami ijatshulelwa ngabancane nabadala. " esho.