04 | Izindaba
Friday 12 June 2026
UGabi Tshabalala akaluqhakambisi udumo
NguGabi Tshabalala, othi kubalulekile kuye ukufunda izinto ezintsha, ukuze ezokwazi ukuzivulela amathuba emisebenzi.
Makhosi Dube
ASIKUQHAKAMBISI ukuba ngusaziwayo isiphalaphala esingumligisi, umculi, nomethuli wezinhlelo uGabisile Tshabalala. Le ntokazi ithi udumo kaluyona impilo yayo, kunalokho wumsebenzi okwenza ingalubeki phambili.
UGabi akalona ivukana kwezokulingisa, njengoba esebonakale emidlalweni eminingi okubalwa kuyo iFallen, iScandal, iBlack Door, i-Intersexions, uMuvhango neminye eminingi. Kanti nasekwethuleni izinhlelo ulivezile ithalente lakhe, njengoba ebengumethuli wohlelo iThrowback Thursday (#TBT), iStena Redemption, iLovey Dovey nezinye.
Le ntokazi ithi ukuba semkhakheni wezikaqedisizungu iminyaka cishe ewu-17, kuyifundisile ukuba ingalindi ukubizelwa kwizinhlolokhono nokunikwa umsebenzi, kodwa izakhele amathuba njengoba kuwumkhakha oguquguqukayo.
Ithi: "Namuhla uyawuthola umsebenzi, kusasa awusasebenzi. Ngakho ngibe ngumuntu ozinikele ekutheni ngifunde okuningi engingakwenza, okungekhona ukulingisa (behind the scenes) kodwa okukuwo lo mkhakha.
"Kumanje ngiyakwazi ukwenza i-make up, i-content producing nokulingisa emidlalweni yeshashalazi. Njengoba ngiyiciko angikwazi ukuzivalela entweni eyodwa, kubalulekile ukuba ngisabalale.
"Ngisanda kwenza umdlalo wami wokuqala weshashalazi obizwa ngeMarabi, oqondiswe nguMpho Molepo esilingisa naye kuwona,"esho.
NguGabi Tshabalala owaziwayo ngamagalelo akhe kwezikaqedisizungu
UGabi uyaqhakaza uma ekhuluma ngomculo wakhe njengoba ethi usezikhiphile ezinye zezingoma zakhe, kuzo kukhona ethi, Ubuhle Bendoda. Uthi uqopha akhiqize, ngaphansi kwenkampani yakhe nesithandwa sakhe iMogal Records, abahlanganise amagama abo egameni layo.
NguGabi Tshabalala noMotlatsi Mafatshe athi baphathene kahle.
Lokhu kuholele ekutheni sixoxe ngezothando. Umoyizele, wahlekela phezulu uma ngimbuza ngokusabala kwezindaba zokuthi usothandweni nomlingisi uMotlatsi Mafatshe. Uphendule ngomdlandla wathi: "Kuyiqiniso, futhi sikahle."
Uthi baphathene kahle ngendlela yokuthi ubona bengaphathana kahle emshadweni, njengoba ethi uyafisa ukushada ngelinye ilanga. Uthi basebenza ngokubambisana, futhi bazimisele ukufunda ngomculo.
"UMotlatsi ungumculi omangalisayo, sakhipha ndawonye ingoma ethi, Ubuhle Bendoda, eyakamuva ithi, Dali Dali, kanti ikhona nenye esicula ndawonye kuyo nayo esesiyikhiphile ethi, Ng'phelele Ngawe.
NguGabi Tshabalala noMotlatsi Mafatshe kwi-albhamu yenye yezingoma zabo ethi, Dali Dali.
Lo nobuhle uthi ukucula kumenze wathola ukuthi uyakwazi nokubhala izingoma, okumkhanyele ngesikhathi umsebenzi ugqoza.
Le nkosazane ivele yachachamba nakakhulu sesixoxa ngabantwana bayo. Ithi ibakhulisa ngamazwi akhayo (affirmations) noNkulunkulu. Kucacile ukuthi ikhona into ehlukile ngale ntokazi ngoba kayiqedi umusho ingakhulumanga ngoNkulunkulu.
Ithi kulo nyaka ikhethe ukuzinikela enkolweni ngokuphelele, yize yonke le minyaka ibikhona esontweni. UGabi uthi akakholelwa ezingqinambeni, kunalokho ukholelwa ekutheni konke kuyizifundo zempilo.