12 | Izindaba

Friday, 12  December 2025

Image

NOMA ngubani ophila nezifo ezingamahlalakhona, kubalulekile ukuqaphela indlela yokudla nokuzivocavoca ukuze umzimba uhlale uphilile.

Amahlalakhona ezifo kawelapheki kodwa angadambiseka

Uyakudinga ukuxoxa nothile  ukugwema ingcindezi uma unezifo ezingelapheki

Menzi Jele

IZIFO ezingamahlalakhona (chronic diseases), sekutholakele ukuthi imvamisa zibulala abantu abangazinakekeli.

Lezi zifo imvamisa kazelapheki ziphele nya, kodwa zikhona izindlela zokuzida-mbisa, uphile nesifo isikhathi eside.

Uma sikhuluma ngamahlalakhona, sisho isifo esesikuphathe ngaphezu kwezinyanga ezintathu singapheli, noma sewuzama imithi eyahlukene.

Kulezi zifo sibala ukhwantalala

Kulezi zifo sibala ukhwantalala, isifo sikashukela, isifuba somoya, isifo senhliziyo, isifo sezinso, umdlavuza, ingculaza, ukuphanjanelwa yikhanda, ukukhuluphala ngokweqile, nokunga-vuki kwenduku ebantwini besilisa.

Uma odokotela sebekutshelile ukuthi unalesi sifo, qala wemukele ukuthi unaso. Kuba nzima ukwamukela, kodwa kuthiwa thola ochwepheshe abazokweluleka, uxhumane nabantu abaphethwe yisona, uxoxe nabo.

Into eyenza abantu bahluleke ukulawala izifo ezingamahlalakhona, wukulahla ithemba nokungazinakekeli.

Image

KUBALULEKILE ukuxoxa nomuntu okuqeqeshelwe, ukuze ungabi nengcindezi uma usanda ukuthola ukuthi unesifo esithile, esingelapheki.

Kufana nokuba sempini ukuba nezifo ezingamahlalakhona

Ukulwa nesifo esingamahlalakhona, kufana nokuba sempini uqobo, ngoba naso sisuke silwa, sicekela phansi izicubu namasosha omzimba.

Uma ulwa nesifo esingamahlalakhona, thatha imishanguzo, imithi namaphilisi ngesikhathi esibekiwe, njengokuthi uma kuthiwa thatha amaphilisi kathathu ngosuku, makube njalo.

Yidla ukudla ngesikhathi obekelwe sona yisikhungo sezempilo, noma ngudokotela wakho.

Gwema ukuba nomzwangedwa uma unesifo esingamahlalakhona, futhi zijwayeze ukuzivocavoca.

Image

UMA  unamahlalakhona njengokuba HIV+, ukudla amaphilisi ngendlela efanele kungakwenza uphile isikhathi eside.

Nazi izinto ezingenza amahlalakhona angadambi:

- Ukubhema.
- Ukuphuza utshwala ngokweqile.
- Uma unengculaza (hiv+), ukuqhubeka nokwenza ucansi (ngaphandle kwezivikelo) kwandisa igciwane.
- Ukuba nomzwangedwa.
- Ukungemukeli ukuthi unaso lesi sifo.
- Ukungadli ukudla okunomsoco, nezakhamzimba.

Uma usutholile ukuthi unesifo esingamahlalakhona, vakashela isikhungo sezempilo noma udokotela, okungenani kanye ngenyanga.

Kwamanye amazwe njengase-Australia, iMelika nase-United Kingdom, abantu abanezifo ezingamahlalakhona, banezinhla-ngano zabo.
Bahlangana njalo ngenyanga, baxoxe, ngenhloso yokuphucula isimo sempilo yabo.

Image

USUKE uzilimaza wena uqobo ngokuphuza utshwala ngokweqile ube udla amaphilisi ezifo ezithile, okungenzeka uwakhohlwe. Nokubhema ugwayi ngokweqile kubeka impilo engcupheni.

ENingizimu Afrika, isifo sengculaza ngeminyaka yama-80, nama-90, sasibulala abantu abaningi ngoba babesaba ukuphumela obala yize  imishanguzo yayitholwa ngabantu ababenemali.

Kubalulekile ukuhlola ukuthi isifo esingamahlalakhona esikuwe emzimbeni, sikuliphi izinga.

Kubalulekile ukuthola umeluleki wezengqondo uma isifo esingamahla-lakhona sesikwenza ulahlekelwe yithemba.
 menzi.jele@ilanganews.co.za