11 | Ezikaqedisizungu

Friday, 12 December  2025

 Hhola Mntwana!

Wena ungomunye wabakhethiweyo bakaThixo🤞🏾🤞🏾🤞🏾... 

Image

Noma ungangasitha lutho smadzadza vele kuhle konke. Uma kukhulunywa ngoGod's favourite, kushiwo wena ntombi. Akubuzwa ukuthi uMdali wazinika sonke isikhathi ekubumba, usuvele wangokhethekileyo nasenhliziyweni yami. Sale usunginika ithuba lokuba nami ngidwebe kulezi zindawo ezingakadwetshwa. 

Image

Namuhla siphethe ikhethelo lodwa uLesedi Moshounyane. Le nu kayithintwa kwezobuchwepheshe njengoba inenqwaba yabalandeli kwiYoutube, i-gram (Instagram) neFacebook. Yisiphalaphala esisebenzisana nezinkampani ezahlukene, ukumaketha imikhiqizo yazo.

Image

We muntuza njengoba kudilika omalume bezojabulela uNcibijane emaphandleni ntombi sizoyibhunga eyokuthi mina sengikhethe wena. Ungakhathazeki akekho oyokuphoqa ukuthi ugqoke, vele uyobe uze kimi.