08 | Izindaba

Friday, 12 December 2025

Image

ILembe nezinhlelo zokwemukela izivakashi ngamaholide

Thandoluhle Ngubo

INHLANGANO i-Enterprise Ilembe Economic Development Agency, iveze ukuthi uMasipala wesiFunda Ilembe sewukulungele ukwemukela izivakashi kula maholide.

Lokhu kuvezwe yiSekela likaSihlalo webhodi lale nhlangano, uMnu Geoffrey Khumalo, ngoLwesine, ngesikhathi ethula ngokusemthethweni iFestive Season Campaign, eBallito.

UKhumalo uthi zonke izinto sezimi ngomumo ekuqinisekiseni ukuthi izivakashi ezihambele kulesi sifunda, ziyakuthokozela ukuba kuso.

"Lesi yisikhathi esihle nesilekelelayo ekukhuphuleni umnotho. Amalungiselelo okwamukela izivakashi asahamba kahle.

"Ngiyacabanga abanye benu bayazi  ukuthi lesi sifunda singesinye sezihlupha kakhulu ngezimvula ezinama-ndla, ukuduma kwezulu nezikhukhula kulesi sikhathi. Lokhu sike sakubona ngezikhathi zoKhisimusi abedlule.

"Ngifisa ukuqinisekisa ukuthi amathimba ezinhlekelele ami ngomumo, ukuqinisekisa ukuthi lezi zimo kaziwudali umonakalo," esho.

Uthi amalungiselelo abo kawagcini kulesi sikhathi sikaKhisimusi, kodwa benze isiqiniseko sokuthi adlulela nakuJanuary wonyaka ozayo, njengoba lesi sifunda sizophinde semukele amabandla amaNazaretha aba nezinkonzo zaminyaka yonke kuso.

Uthi kulo nyaka kulesi sikhathi balindele ukwemukela izivakashi ezicela ku-200 000, akuchaze njengento ezokhulisa osomabhizinisi abasafufusa, nomnotho wendawo.