21 | Ezemidlalo

Friday, 11 Friday 2026

Image

KUSUKA kwesobunxele; nguSteve Mkasi, nguBarry Hendricks, ngu-Alan Fritz noJames Moloi.

Zigubuzelwe yifu elimnyama ezemidlalo zakuleli


Sekumiswe inqwaba yezikhulu eziphethe ama-federation ngezinsolo zenkohlakalo

Mzwamandla Zondi
 
ZIGUBUZELWE yifu elimnyama ezemidlalo zaseNingizimu Africa njengoba sekumiswe omengameli abaningi bama-federation ahlukene ngezinsolo zenkohlakalo.

Kamuva, kumiswe uBarry Hendricks ongumengameli weSouth African Sports Confederation, Olympic and Paralympic Committee (Sascoc) - okuyinhlangano efana noyise wawo wonke ama-federation.

UHendricks umiswe ngemuva komhlangano wamalungu ale nhlangano ngempelasonto, lapho abesola khona lesi sikhulu ngokungaziphathi kahle.

Ukumiswa kwalesi sikhulu kuthiwa kulandela ama-email amane athunyelwe ngumuntu obezifihlile, eveza amahlazo ngaso (lesi sikhulu).

UHendricks usolwa ngokuyalela amalungu ebhodi ukuthi kufanele avote kanjani. Kuthiwa wadinwa wagana unwabu ngemuva kokungalandelwa komyalelo wakhe.

Ngemuva kwala ma-email, iSascoc inqume ukuqoka ijaji elizimele, uBasheer Waglay, ukuba lilandelele lezi zinsolo.

Kuthiwa leli jaji likhiphe isinqumo sokumlahla ngecala uHendricks. Lesi sikhulu simiswa nje, kuzokuthi ngo-2028 kube ne-Olympic Games eLos Angels (LA), e-United States of America (USA).

Image

NGU-JOHN Mathane.

Kwenzeka lokhu nje, iSwimming South Africa (SSA) isanda kumisa umengameli wayo, u-Alan Fritz, nesikhulu esiphezulu sale nhlangano, uShaun Adriaanse.

Nakwezokugijima kumapeketwane njengoba kumiswe uMengameli we-Athletics South Africa (ASA), uJames Moloi, naye osolwa ngokungaziphathi kahle.

Njengamanje kwi-ASA kuphethe uJohn Mathane naye ongase amiswe ngezinsolo ezifanayo.
IKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) nayo ibhekene nezinkinga njengoba nakuyona kumiswe umengameli wayo, uSteve Mkasi, owabonakala kwi-video elwa nomgijimi emgwaqweni.

 Kumanje amakilabhu ahlongoza ukuphakamisa ukungabethembi ubuholi bakhe.
Kubo lobo bumnyama, iKZNA ne-ASA babhekene ngeziqu zamehlo neComrades Marathon Association (CMA) enqume ukuphuma ngaphansi kweKZNA kanjalo nakwi-ASA.

Kuthiwa sekuwukhondolo ukungaziphathi kahle kwezikhulu zeSascoc. Kuthiwa isikhulu seSascoc esinomlando omuhle nguSam Ramsamy kanti uGideon Sam noTubby Reddy baphuma sebenuka iqaqa kule nhlangano.

UHendricks uke waba sematheni nyakenye engaboni ngaso linye namalungu ephalamende e-sports portfolio committee, ehluleka wukuphendula eminye yemibuzo.

Lesi sikhulu sike sasola uNgqongqoshe wezeMidlalo, uGayton McKenzie ngokuthi ubanika imali encane.