12 | Izindaba

Friday, 11 September  2026

Umbhalo: nguMenzi Jele

Ezempilo

Ukusoka kuvikela ezifeni ezahlukene zocansi

uMnyango wezeMpilo, KwaZulu-Natal, uqala ukusoka abafana asebeneminyaka ewu-12...

Image

UMNYANGO wezeMpilo, KwaZulu-Natal, nezinhlangano ezizimele ezingayenzi inzuzo, bakhuthaza abantu besilisa ukuba basoke.

Ukusoka wukusika ijwabu, esithweni sangasese, somuntu wesilisa. 
Kwezinye izizwe, ukusoka, kuyingxenye yesiko lazo, ngoba "ukuya entabeni" kubo, akukhona ukusika ijwabu nje kuphela, kodwa kuyisikole, ufundiswa ukuba yindoda, ukwazi ukumelana nezimo ezinzima.

KUBALULEKE NGANI UKUSOKA?

UDkt Nduduzo Nxumalo, okwesinye sezibhedlela eThekwini, uthi amathuba okungenwa yigciwane lesandulela-ngculaza, ehla ngo-60% kumuntu osokile.

Uthi umuntu osokile, mancane amathuba okuthi abenezifo ezithathelana ngocansi. Uthi lezi zifo, zigcina zidala umdlavuza wesibeletho, kowesifazane oya naye ocansini.


Ukusoka kuhambisana nenhlanzeko, ngoba ikhanda lenduku esokiwe, lishaywa umoya. 
Ukusoka, akusho ukuthi ungabe usalisebenzisa "ijazi lomkhwenyana" (condom), uma sekwenziwa inkonzo yasekameleni.

NGABANJANI ABANGASOKWA?

Ingane yomfana, kuthiwa ingasokwa ngesikhathi izalwa, kodwa uMnyango wezeMpilo, KwaZulu-Natal, uqala ukusoka abafana asebeneminyaka ewu-12.
Uma umuntu enesifo esithelelana ngokocansi, isilonda esingakapholi, lowo muntu akasokwa.

Ngaphambi kokusokwa, kuqale kuhlolwe i-CD4 Count, kwasebehaqwe yigciwane lesandulela-ngculaza, ukuthi iphansi kangakanani.

Abaguliswa yisifo sikashukela, abangawadli amaphilisi ngendlela efanele, kuyenzeka bangasokwa. Umuntu ophethwe yisifo sokopha ngokweqile (haemophilia) akasokwa.

KUNGCONO UKUSOKA EBUSIKA

Kuthiwa isikhathi esikahle sokusoka, ngesasebusika, ngoba isilonda siyashesha ukuphola. Uma usokwa ezibhedlela, baqala bakunike umjovo okubulala imizwa isikhashana, ukuze ungezwa ubuhlungu.

Uma uqeda ukusoka, kubalulekile ukulinda, ungajahi ukuya ocansini ngemuva kokusokwa. Kwabanye kuthatha amasonto ayisithupha, ukuthi isilonda siphole kahle, uma lowo muntu esesokile.


Emitholampilo, bayakuyalela izikhungo nezibhedlela zikahulumeni, okusokwa kuzo mahhala.


⭕️ ULWAZI: UMnyango wezeMpilo, KwaZulu-Natal.

menzi.jele@ilanganews.co.za