11 | Ezikaqedisizungu
Friday, 11 September 2026
Noma ungangiphendula uthi nje shabhu-ke👍🏾, ngofunda kwezami...
Ukube nginamasenti ngabe ngiqashela lobulili engibuthandayo isiqhingi, siphile ngokugqoka izimpahla zokubhukuda, sigeze nge-champagne.
Awu nkosazane uyilokhu okuthiwa u-picture perfect. Sengicabanga nokwenzela abakini umcimbi ngibabonge ngokukhulisa isingqazu esinguwena. Ngiyabona kumele ngishintshe nomsebenzi ngizoba ngumthwebuli wakho okhethekile. Uyanqena yini wena ofana nembali ukungiphendula noma ungathi
shabhu-ke 👍🏾, ngofunda kwezami.
Namuhla sithi, "Hhola Mntwana!" kuTebasto Mokoana odume ngelikaBlue Aiva. Yintokazi egqame kwiBig Brother Titans, ngo- 2023. InguDJ, umdansi, umbhali wezingoma nomphathi wezinhlelo. Uyikho konke engikudingayo ngingathi ngisafunani uma sengizitholele wena.