08 | izindaba

Friday, 11 September 2026

Image

I-SABC ixwayisa ngabaqola ngeyeTV Licence

Lucky Cain

INHLANGANO yezokusakaza kuleli, iSouth African Broadcasting Corporation (SABC), isikhiphe isexwayiso ngokukhwabanisa okuqhubekayo ngabazenza abaqoqi bemali yelayisensi kamabonakude, ngaphansi komnyango wabo i-TV Licence Division.

Le nhlangano iveze ukuthi isithole umbiko ngama-email athunyelwa ebantwini, besatshiswa ngokuthathelwa izinyathelo uma bengayikhokhi imali yelayisensi kamabonakude.

I-SABC ithi kayisebenzisi noma
yimaphi ama-email

Ngokwesitatimende esikhishwe yile nhlangano, le email ivela sengathi iqhamuka kwa-SABC, ngaphansi komnyango wakwaTV Licence Division, ngokusemthethweni ngaphansi kwe-email ethi, tim.harris@absamail.co.za futhi ishicilelwe nguMaphala Makgoba, oyiNhloko yalo mnyango.

"Okumele abantu bakuqonde wukuthi, i-SABC kayisebenzisi noma yimaphi ama-email ukuthumelela abantu.

Nanka ama-email asemthethweni renewals@sabc.co.za, businesstvlic@sabc.co.za, dealers@sabc.co.za," kuchaza uNkk Mmoni Ngubane, oyiNhloko yezokuXhumana kule nhlangano.

Uthe umphakathi kumele uhlale umehlomane, ukuqapha ama-email aqhamuka kunoma ngubani, akhuluma ngokukhokhelwa kwamalayisensi kamabonakude.

Uthi uma umphakathi uthola umyalezo okhuluma ngokukhokhelwa kwamalayisensi kamabonakude, kumele baqale baxhumane nale nhlangano ngqo, ukuqinisekisa ukuba semthethweni kwaleyo email.

"Nazi izindlela zokuxhumana neSABC ukuqinisekisa:  shayela u-011 330 9555 noma i-email ethi: tvlicinfo@sabc.co.za." 

I-SABC kayisoze yafuna imininingwane yangasese noma eyebhange

Uphinde wacacisa ngokuthi le nhlangano ayisoze yathumela i-email lapho kudingeka khona ukuba uvule i-attachment noma uvule i-link.

"Futhi ayisoze yacela imininingwane yangasese ethinta eyasebhange, noma ekamazisi uma ithumela i-email," ecacisa.

Uxwayise ngokuthi uma kukhona othola umyalezo odinga ukuba avule i-attachment noma i-link, angalinge ayivule futhi angayidaluli imininingwane yakhe yanoma yiluphi uhlobo.

Uthi i-SABC izibophezele ukuvikela amakhasimende ayo kunoma yiluphi uhlobo lokuhlukumezeka angahlangabezana nalo kusetshenziswa igama layo.