21 | Ezemidlalo
Friday, 10 July 2026
Basabisa ngokufakana enkantolo ngaphambi komjaho ka-100 ongonyaka ozayo
MZWAMANDLA ZONDI
IYAQHUBEKA impi phakathi kweKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) eholwa nguSteve Mkasi neComrades Marathon Association (CMA) njengoba kusatshiswana ngezinkantolo. I-KZNA isabisa ngokuthi izoyisa iCMA enkantolo uma iqhubeka nokuphuma kuyona, iyojoyina i-Athletics South Africa (ASA).
I-KZNA seyisabise ngokuyihoxisa iComrades Marathon yangonyaka ozayo okuzokube kungeyekhulu, okulindeleke ukuba igijinywe ngomhla ka-13 kuJune isukela eMgungundlovu, isongwe eThekwini. Lolu daba luke lwaba sematheni ngonyaka odlule lapho iCMA isabise ngokuphuma ngaphansi kweKZNA. I-KZNA izolahlekelwa yimali elinganiselwa ku-R600 000 uma iCMA iphuma ngaphansi kwayo, ijoyina i-ASA.
NGU-STEVE Mkasi ongumengameli weComrades Marathon Association.
I-KZNA nayo ifuna ukusebenzisa amandla ayo ngokungayiniki iComrades Marathon usuku ngonyaka ozayo. Kuzokhumbuleka ukuthi uma ufuna ukuhlela umjaho, uxhumana nesifundazwe sakho, kube yisona esikunika usuku. I-KZNA yiyona edlulisela kwi-ASA lonke uhlu lwemijaho yayo nemizila okusuke kuzohamba kuyona imijaho njengoba ihlelwa ngokubambisana ngabadidiyeli nesifundazwe abasuke bengaphansi kwaso.
ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi kunencwadi eyathunyelwa yiCMA kwi-ASA, ithi ifuna ukuphuma kwiKZNA. I-ASA yayalela iCMA neKZNA ukuba basebenzisane ukulungisa izinkinga zabo. Okunye okuvelile wukuthi iCMA kayifuni ukukhokha imali ye-levy kwiKZNA. Lokhu kuthiwa kudalwa wukungaboni ngaso linye phakathi kukaMkasi nabathile kwibhodi yeCMA.
NGUNONTUTHUKO Mashimane oyiphini likasihlalo weComrades Marathon Association.
Lo mdonsiswano okhona phakathi kweKZNA neCMA, kuthiwa uholele ekutheni lungakhishwa uhlu lwesikhashana lwemijaho yangonyaka ozayo, okuyinto engajwayelekile. UMandla Mngomezulu obeyisekela likaMkasi kwiKZNA phambilini, uthe lolu daba ludinga abantu abazimele, asebake basebenza kwezokugijima phambilini ukuxazulula lo mdonsiswano ophakathi kwalezi zinhlangano – okuyiKZNA, iCMA ne-ASA.
Sekuyinto ejwayelekile eNingizimu Afrika ukuthi imijaho emikhulu, ikakhulukazi ephethwe ngabamhlophe, ifune ukuphuma ngaphansi kwezifundazwe egijinywa kuzona. Kumanje kunokungaboni ngaso linye phakathi kweSanlam Cape Town Marathon neWestern Province Athletics.