18 | Ezemidlalo

Friday, 10 July 2026

Image

NGUMQEQESHI weBafana Bafana uHugo Broos noRelebohile Mofokeng osanda kusayiniswa yiRoyale Union Saint-Gilloise yaseBelgium.

UBroos uqinisa idolo uRele ngeBelgium


MFANAFUTHI NDLOVU

UQINISWA idolo wukuba "nomeluleki" waseBelgium uRelebohile Mofokeng osanda kusayina inkontileka yeminyaka emine neRoyale Union Saint-Gilloise edlala esigabeni esikhulu kuleliya lizwe.

Ekhuluma nabezindaba uMofokeng osekuleli njengoba amaligi esahlabe ikhefu umhlaba wonke ngenxa yeNdebe yoMhlaba yeFifa eqhubeka eMelika, eCanada naseMexico, uthe umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos umethembise ukuthi uzombamba ngesandla, amnike lonke usizo aludingayo njengoba esezodlala kuleya ligi (uBroos) ayichaze njengenzima kakhulu ukuqhathanisa neBetway Premiership.

Image

URELEBOHILE Mofokeng uthi uzikhethele ukuhlala kweziMnyama, ukusiza le kilabhu inqobe isicoco seligi emuva kweminyaka ewu-14 yasigcina.

Uncome uBroos ngokuba ngumzali oqotho kubona bonke abadlali abesebenza nabo kwiBafana. Uthe amazwi kaBroos amenze wabona ezokwazi ukulwela ngempumelelo ijezi kule kilabhu edlala nakwi-Uefa Champions League asemagange ukudlala kuyona.
Uthi wavumelana nale kilabhu ngaphambi kokuba kuphele isizini, okwathi uma usihlalo we-Orlando Pirates, u-Irvin "Iron Duke" Khoza emnika isibusiso sokuba ahambe isizini isephakathi, yena wenqaba, ngoba efuna ukuba yingxenye yesikwati seBucs esinqobe iligi emuva kwamasizini awu-14.

Image

NGURELEBOHILE Mofokeng edlubhe imibala yekilabhu yakhe entsha iRoyale Union Saint-Gilloise yaseBelgium.

Lo mdlali kulindeleke ukuba akhale amuke nemiklomelo emqoka emcimbini wePremier Soccer League (PSL) wokuklomelisa abadlali abenze kahle ngesizini edlule. Uqokwe eminxeni emqoka okubalwa kuyona iFootballer of the season lapho eqhathwe khona no-Oswin Appollis abedlala naye kwiBucs noTeboho Mokoena weMamelodi Sundowns.
Ukhona futhi nakwiPlayers' Player of the Season lapho ezobhekana khona no-Appollis benoKamogelo Sebelebele bamaBhakaniya.