14 | Imibono
Friday, 10 July 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Kubizwe umhlangano ophuthumayo ukuhlanganisa uPhakela noJacinta
NGUPHAKELUMTHAKATHI wenhlangano Insizwa Nobunsizwa, eyeseka umkhankaso kaJacinta Ngobese-Zuma (okwesokudla), iMarch and March.
Sethu Mdladla:
AMADODA kumele ayeke le nto yawo yokubukela phansi ubulili besifazane. Into esibeke la wukudelela i-age ne-gender, akukho okunye.
Bonginkosi Gumbi:
ANGIYIBONI isengalunga le nto ngoba kunesandla esifumbethe imali.
Buyani Cele:
BALENZA nje iphutha ngokuthi bayohlangana nomengameli, engazi uJacinta. Kwakufanele axolise uPhakela. Simukhonzile impela, kodwa makayazi indawo yakhe.
Nkosi Ndovela:
USEYABATATAZELISA manje uPhakela. Bazama ukumnxenxa ngemali ngoba nje befuna ukuthi abokufika bahlale ngokungemthetho kuleli zwe.
Cassandra Zungu:
ASIZIFUNI izinkulumo eziqhathayo...🙆🙅🙅🙅🙅 Sikhulekela ukuthula.
Mbhekiseniwangempela KamaSbisi WakwaZwane:
AKUXOSHWE le nkosi emfishane kwiMarch. Ufunani kumamashi uyinkosi?
Simiso Gejumtelele Mdluli:
ANIKENZI lutho nina, mkhulu umsebenzi onimele ngale nto eniyiqalile.
Zinto Nxele:
INAMANDLA intelezi yoMyfriend 🤣🤣🤣🤣
Mondli Mashiza:
WUMQONDO omuhle kakhulu lowo ngoba ukwehlukana kwabo kujabulisa uSathane.
Nathi Msweli:
ENGASALI noNgizwe.
Freeze Sphamandla:
UPHAKELA yikhani ebona manje ukuthi wonile ngokunyonyoba ayobona umengameli.
Mbuso Mzwazwa:
YEBO bengahlangana kodwa kungani bemdinga uJacinta manje ekubeni bemhambe ngemuva? Mabamtshele ukuthi bekuyoxoxwa ngani emhlanganweni noRamaphosa, ekubeni bengekho ku-leadership yeMarch and March.
Smindlo's Mtshali:
SINGAJABULA ukuhlangana kwenu madoda✊🏿
Sthembiso Sabela Mkhize:
OSOPOLITIKI mbahlehle kuMarch and March, uJacinta asale yedwa, ahlehle amaxoki.
Ntombenhle Mbatha:
ABABUYISANE nkosi yami. Singayini nje. Ngeke phela basaphinde bahambe abokufika uma ingawa iMarch and March. Sifisa izwe lethu liye phambili.
Simphiwe Xulu:
BAZOHLEBA uNgizwe🤣🤣🤣🤣🤣🤣