13 | Ezezimoto

Friday, 10 July 2026

 Inamandla futhi iyonga iRenault Kiger Turbo

Ukuqoqeka kwayo kwenza kube lula ukuyilawula...

Ishaye Izule no: Zandile Tembe

Image

UNGAYIBUKA uyeye kanti amandla ayo asemgwaqweni, ukonga kuphethiloli nezindleko eziphansi zayo zansukuzonke, yikho okuyihlomulisayo.

I-Renault Kiger Turbo entsha yethulwe ngokusemthethweni ngoMashi nonyaka kanti bahlose ukuheha abathengi bokuqala bemoto noma umuntu osanda kuqala ukushayela. Ithatha imindeni emincane edinga imoto engalidli iphakethe, ethembekile nelungele izindlela zansukuzonke nohambo olude.

I-Renault Kiger Turbo ingamalitha awu-1.0 nenjini ewu-3-cylinder ye-turbo eqhulula amakhilowathi (kW) afika ku-74kW no-160Nm we-torque.

Image

Nakuba ngingalitholanga ithuba lokuyizwa obhuqwini nasezintabeni, iKiger ingithusile ngendlela emelana ngayo nejubane nokubambelela kwayo emgwaqweni owuthelawayeka. Injini yayo ye-turbo isabela kahle uma udinga ukudlula ama-truck nezimoto okwenza uzethembe ngayo.

Ukonga kwayo uphethiloli yikhona okuhamba phambili  njengoba idla amalitha alinganiselwa kwawu-5.4 emakhilomitheni awu-100.

Image

Ngisuke nethangi elingaphansana nje kweligcwele, ngilibangise edolobhaneni lasePort Edward ngadlula naseMargate. Ngihambe ngabuya ngaleli thangi kusasele amakhilomitha awu-90 kanti isivinini ebengihamba ngaso kulolu hambo besibalelwa ku-120 kuya ku-130 wamakhilomitha.

Isiteringi siphenduleka kalula kanti ukuqoqeka kwayo kwenza kube lula ukuyilawula nokuphakama kwayo okuwu-205 mm kuyenza ikwazi ukubhekana kahle nemigwaqo ehlukahlukene.

Image

Ikusebenzela kakhulu emigwaqweni yasedolobheni ematasa nalapho udinga ukupaka ngoba yanela lonke uhlobo lwemigwaqo nemincane futhi. Nakuba incane iKiger ngokwesakhiwo sayo, ivulelekile ngaphakathi kanti abantu abahlanu abanesisindo esiphakathi nendawo bangahlala banethezeke.

Ibhuthi layo lilinganiselwa kumalitha awu-405 okulenza libe ngelikhulu ezimotweni ezisemkhakheni wayo.

Iningi ebelibona iRenault Kiger Turbo beliyithandela abantwana balo kanti imfanele osanda kuqala ukusebenza odinga imoto yomsebenzi engadli uphethiloli, umfundi wasenyuvesi, imindeni emincane nomuntu ofuna imoto yansukuzonke engawudli uphethiloli nengenazo izindleko zokuyigcina.

Image

Engingakuthokozelanga ngayo wukuthi isakhiwo sayo ngaphakathi sidinga izandla zomshayeli kakhulu, okungakuthikameza lapho ushayela.

Esikhathini samanje lapho yonke into isebenza ngobuchwepheshe nokuciphaza nje ibhathini,
iKiger yona ibambe ngesidala kakhulu.

Amanani eRenault Kiger ngokuhlukana kwamamodeli ayo ami kanje; Turbo Techno Manual isukela ku-R278 999, Turbo Iconic Manual ku-R298 999 kuthi i-Turbo Iconic CVT ibe wu-R329 999. Wonke amamodeli ahamba ne-warranti yeminyaka ewu-5 emakhilomitheni awu-150 000 ne-service plan yeminyaka ewu-2 emakhilomitheni awu-30 000.