12 | Ezempilo
Friday, 10 July 2026
Lesi yisifo esithelelanayo kodwa eselaphekayo, esidalwa ngamagciwane
Menzi Jele
IZINGANE yizona ezivamise ukuba nombandamu (ringworm), kunabantu abadala. Umbandamu yisibazi esinsonsothayo, esibasemzimbeni womuntu.
Uvamise ukuba sekhanda, ezinyaweni, ezandleni, ebusweni, nasentanyeni. Lesi yisifo sesikhumba esingabulali, eselaphekayo, esifana notwayi. Ingane enawo, uyibona ngokuzenwaya, bese leyo ndawo ezenwaya kuyo, iphenduke ibala elimhloshana ngaphezulu.
INGANE edlala enhlabathini isengcupheni enkulu yokungenwa ngamagciwane adala umbandamu.
Umbandamu uyathelelana, ngakho ingane enawo, mayiqheliswe kwezinye, kuze kube iyelapheka. Ngaphambi kokuyelapha ngemithi, nangamaphilisi, ingane enombandamu, kufanele igundwe ikhanda. Umbandamu uba yisiqoqo samagciwane, yingakho uluma. Uma seyelashwa ingane enombandamu, kunensipho ekhethekile egezwa ngayo, etholakala emakhemisi, emitholampilo nasezibhedlela.
NAZI IZINTO EZIDALA UMBANDAMU
– Ingane evama ukudlala nezilwane, (amakati noma izinja), yiyona engathola amagciwane adala umbandamu.
– Ingane edlala futhi edla inhlabathi, ingawathola amagciwane ombandamu.
– Uma ugqokelana izimpahla nomuntu onombandamu, ungawuthola.
– Ukwembatha ingubo eyodwa yokulala, nomuntu onombandamu, ungawuthola.
– Ukudla ukudla okungenamsoco (junk food), kwenza isikhumba siqubuke, amagciwane adala umbandamu angene kalula.
IMITHI egcotshwayo yokwelapha umbandamu iyatholakala emakhemisi, emitholampilo nasezibhedlela.
UNGAWUGWEMA KANJANI UMBANDAMU?
– Izingane ezigomayo, azivamile ukuba nombandamu. Ngakho umzali makaqikelele ukuthi ingane iyagonywa.
– Ingane mayigezwe umzimba nekhanda ngamanzi anensipho neDettol, okungenani kabili ngosuku.
– Bheka lapho ingane idlala khona, ukuthi ayidlali yini nezilwane, noma ngenhlabathi.
– Ingane esinombandamu, iqhelise kwezinye.
Ukwelapha umbandamu, kuthatha amasonto amathathu kuya kwamane. Ikhona imithi, insipho nemijovo, okutholakala emakhemisi, emitholampilo nasezibhedlela, eyelapha umbandamu. Kunomuthi ogcotshwayo (lotion), umuthi oconsiselwa emanzini okugeza, nensipho owelapha ingane noma umuntu, ophethwe ngumbandamu.
* Ulwazi lucashunwe kuWebsite yakwaDis-Chem