09 | Izindaba
Friday, 10 July 2026
Ubonga izinkundla zokuxhumana ngokusabalalisa umculo wakhe
NGUMCULI uSya Zwide onengoma ethi, Akusiye Owakho, athi usizwe yizinkundla zokuxhumana ukuyimaketha.
Thandi Zondi
UMCULI wasoThweba, eMkhambathini, usezakhele ugazi kubathandi bomculo wesintu ngokuba yiciko elizigqajayo ngendabuko nakho konke okuthinta isintu.
USya Zwide uthi ukhulele emakhaya egida ingoma, wakhula nabo ubuciko.
"Ingoma engingenise ngayo ebantwini ithi, Akusiye owakho. Yingoma yokuncenga inhliziyo ukuthi idedele umuntu engangimthanda ngoba bese kucacile ukuthi akusiyena owami," kusho uSya.
USya uthi ziqale zabhimba izinto ngeCovid 19
Uthi nakuba izinto zithande ukungahambi kahle ngesikhathi seCovid 19, kodwa ukwazile ukuphinde aphakame njengoba esebuye nomsebenzi omusha, okuyi-EP enezingoma eziwu-7. Uthi kunengoma edlalwa kakhulu ethi, 'Imbali ebomvu'.
"Ngalesiya sikhathi kwase kuqala nokukha- nya, i-single yami idlalwa eziteshini zemisa- kazo ezahlukene, kodwa-ke iCovid yangiphindisela emuva.
"Nokho ngigcine ngiwatholile amandla okuphakama futhi njengoba abantu bekhombisa ukuwuthanda umsebenzi wami omusha," esho.
Uthi kumsizile ukuthuthela eGoli
Uthi ukuthuthela eGoli kumsizile.
"Ulwazi luningi khona, futhi lutholakala kalula uma uqhathanisa nalaphA engivela khona," esho.
Le nsizwa ingumculi iphinde ibhalele nabanye abaculi izingoma.
Echaza ngomculo wakhe uthi uqukethe izinhlobo eziningi zomculo, okukhona kuwona igwijo, umaskandi ne-afro soul.
Kumanje uthi ingoma ethandwa kakhulu ngethi, 'Ngiyahluleka'.
Ngo-August uthi usezinhlelweni zokwenza i-One Man Show ezoba seJoburg Theatre.
Uthi umatasa nokupheka i-album entsha esihloko sithi, 'Olothando', okuyigama lendodakazi yakhe.