05 | Izindaba
Friday, 10 July 2026
Kuthiwa kune-WhatsApp group, lapho amadoda eziqopha ukusuka nokuhlala enza ucansi nezilwane, bese ethumelelana ama-video kuyo
Skhosiphi Mthembu
UKHALELWE ngamasongo kaSigonyela uthisha onesithembu waseMahlabathini, oNdini, oziqophe i-video ezitika ngocansi nembuzi maqede yasabalala ezinkundleni zokuxhumana.
Ixoxelwa phansi indaba yalo thisha kulandela ukuboshwa kwakhe nokusabalala kwale video ezinkundleni zokuxhumana.
ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi lo thisha uboshwa nje, kulandela ukubonakala kwe-video lapho ebegila khona lo mkhuba.
Kuthiwa yinto ayijwayele ukuyenza lena nabanye asondelene nabo, maqede baziqophe begila lo mkhuba bese bethumelelana ama-video abo.
Kuthiwa lo thisha use-groupini lapho kwenziwa khona lo mkhuba wokulala nezilwane.
Kuthiwa kule group, umuntu uzishutha i-video kusukela ekuqaleni esalungiselela ukunukubeza isilwane kuze kuyoba sekugcineni eseqedile.
ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi ngemuva kokuputshuka kwale video, ushaqwe ngamaphoyisa waboshwa. Umthombo waleli phephandaba okuleya ndawo, uthi namanje endaweni kusabatshazwa lo mhlola ogilwe yilo thisha.
"Lo muntu ogila le mihlola uganiwe, futhi unesithembu, kasazi ukuthi ubengenwe yini ezihlanganisa nento ekanjena.
"Naye-ke kuthiwa uyingxenye yaleyo group. Kusolwa ukuthi lo mkhuba kade baqala ukuwenza," kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMahlabathini abophe umsolwa oneminyaka ewu-55, ngecala lokunukubeza isilwane.
Uthe umsolwa uboshwe emuva kokusaba- lala kwe-video emveza enukubeza isilwane. Uthi umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaseMahlabathini izolo.